Yinganekwane yakudalo ukuthi i-ANC izohlulwa: Duma

Published date26 April 2024
AuthorKhethukuthula Sangweni USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthi kade kwasa abantu beyingcwaba iphila i-ANC, bethi izokwehlulwa okhethweni kodwa ibuye. Amaqembu amaningi asongela i-ANC KwaZulu-Natal, awayiniki lutho okhethweni.
Publication titleIsolezwe
UDuma onguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni, ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe, echaza ngomkhankaso wokubuyisela i-ANC emandleni

UDuma okhethelwe kwesikaSihlalo kaKhongolose ngoJulayi 2022, ubehleli enethezekile kusofa ekhuluma ngokukhulu ukuzethemba echaza ngokuvuleleka. Uthe akusabethusi ukuthi abantu bathi i-ANC izokwehlulwa.

“Akukho soka ladla kahle imbangi ikhala vele, uma uphethe uzolandelwa. I-DA kumanje ikhanda imibiko yocwaningo engekho emthethweni. Nangesikhathi uMengameli uMbeki (Thabo) ezonqoba egwaza ibhece, kwakuthiwa i-ANC izoshenxa. Asikhathazekile neze, kunalokho sibona i-ANC ikhula kakhulu,’’ kusho uDuma.

I-ANC ngo-2019, yanqoba isifundazwe ngo-55.47% isuka ku-65.0%, yalandelwa yi-IFP eyakhombisa ukukhula yathola u-16.34 yaphikisa ngokusemthethweni. I-DA eyathola u-13.91% ngo-2019, yehla endaweni yesibili yokuba yiqembu eliphikisayo, yalala isithathu.

Uthe izimbangi zabo zithembisa abantu izulu nomhlaba zithi zizobakhela izindlu kodwa zingakaze zakhe ngisho umjondolo. Uthe uyakuqonda ukuthi isifundazwe iKZN siyinyama ngezizathu ezehlukene.

Uthe esokuqala; wukuthi inabantu abaningi futhi bangu-4.6 million ababhalisele ukuvota okhethweni oluzayo.

Uthe futhi iKZN iyisifundazwe esicebile ngokomnotho yingakho kunesasasa kakhulu, iconselwa amathe.

Uthe okubanika ithemba kakhulu wukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uke wakhankasa esifundazweni wemukelwa kahle, abantu bejabula. Uthe bakhona nabanye abaholi abasazofika bahlale cishe izinsuku eziyisikhombisa besebenza isifundazwe.

Uthe bagabe ngomqulu wezethembiso...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT