Usola iphoyisa ngokumqinela liveteza isiNgisi nesiTswana kwelikaMeyiwa

Published date26 April 2024
AuthorKhethukuthula Sangweni
Publication titleIsolezwe
USergeant Portia Mashele owathatha amasampula olibofuzo kuNtanzi, ubefakaza eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho kuqulwa khona icala izolo. UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKellly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014

USergeant Mashele uthe wathatha amasampula olibofuzo okungamathe kaNtanzi emlonyeni. Amasampula ayeyoqhathaniswa nobufakazi obatholwa endaweni yesigameko.

Ummeli kaNtanzi, uMnuz Sipho Ramosepele, upheke iphoyisa ngemibuzo waveza ukuthi lahlakaniphela ikhasimende lakhe.

“Uthi uNtanzi wawukhuluma isiNgisi nesiTswana ngesikhathi ubhizi naye kodwa uthi yena akazazi zombili lezi zilimi ozishoyo,’’ kusho uRamosepele. Ufakazi uthe amanga lawo ngoba babezwana kahle.

“Wayengizwa kahle nje futhi ukube ngangibona ukuthi asitholani kahle ngangiyocela ukunikwa utolika asilekelele,’’ kusho ufakazi uSergeant Mashele.

IJaji uRatha Mokgoatlheng belingagculisekile ngalokhu okuvezwe wuNtanzi nommeli wakhe laze labuzisisa.

“Usholo ukuthi ikhasimende lakho lalingaqondi konke okwakwenziwa? Ngabe labanjwa ngenkani lavulwa umlomo?‘’ kubuza ijaji lihleka kancane.

Ngaphambi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT