UShabalala kuyamdodisa ukwethukwa ngabalandeli beChiefs

Published date26 April 2024
AuthorSITHEMBISO MKHIZE
Publication titleIsolezwe
IChiefs enomlando omude wokunqoba izicoco nokuyenze yangelinye lamaqembu ahlonishwayo kuleli, sekuphele iminyaka iyinhlekisa ngenxa yendlala yezinkomishi kusukela ngo-2015

Ngendlela okungayihambeli kahle ngayo kulezi zinsuku, ilengela ekuqedeni ngaphandle kweTop 8.

Ukushaywa kwayo emidlalweni emithathu kulandelana sekwenze yehlela endaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu awu-30 emidlalweni ewu-24.

Okusho ukuthi emidlalweni eyisithupha esele sekumele ilwele ukuzitakula kule ndawo ikwazi ukungena kwayisishiyagalombili okuzogoqwa imidlalo yeDStv Premiership ephezulu.

Lawo maqembu azobe ezinikeze ithikithi lokudlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.

Esithangamini sabezindaba, uShabalala (20), oyibamba phambili nesisu, utshele abezindaba ukuthi bathwele kanzima njengoba abalandeli besho wonke amagama alumelayo kubo.

"Kubuhlungu ukuvuka ekuseni ubone abantu bekungabaza, bengakwethembi, bekuthuka ngendlela yokuthi baze bathi awulazi ibhola. Abanye bethu basebancane, nokho lesi simo sisifundisa ukuba amadoda," kubeka uShabalala osadlale ewu-13 yeDStv Premiership.

Uveze ukuthi usizwa ukungabanaki abaphimisa la mazwi alumelayo.

"Ngivele ngehlise umoya. Kwesinye isikhathi kumele ukukhethe okulalelayo. Ngiyazazi ngiwumdlali wezinga eliphezulu. Ukubhedelwa izinto akusho ukuthi siyizinkomo. Isimo esikuso sivelela noma yiliphi iqembu. NeMamelodi Sundowns yake yathwala kanzima kufika umqeqeshi uPitso (Mosimane). Senzeka nasemaqenjini amakhulu, afana neBarcelona, Chelsea namanye.“

UShabalala ongumkhiqizo wenkulisa yawo Amakhosi, uthe yibo abazozikhipha kulesi simo abakuso.

"Kungcono ukuqala ngokuhlupheka bese ugcina ngokubusa. Ngesifanayo...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT