Umkhankaso wamasosha uhlomulisa umphakathi

AuthorKHETHA SANGWENI
Published date12 February 2023
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Umbutho uke wagqama kakhulu ngesikhathi sodlame lwezepolitiki nokwakuthi uma umuntu ewabona ambe ambulule ngejubane ngoba ayengadlali. Kamuva amasosha asevame ukubonakala emicimbini kahulumeni yezinga eliphezulu njengokugcoba umengameli, asuke eviliyela bese eqhumisa umbayimbayi wawo izikhathi ezingu-21 ukumhlonipha

Isizindalwazi se-SANDF uma sichaza ngombutho siveza ukuthi wasungulwa wanikwa umsebenzi wokuba wumvikeli wezwe nabobonke abantu balo. Kuvela ukuthi i-SANDF ikwenza lokhu ilandela umthetho wamazwe ngamazwe ongamele ukusebenza kwezokuvikela okuhambisana nokuqinisa isandla.

Kuvela ukuthi i-SANDF ingaphansi koMnyango wezokuVikela onikwe umsebenzi wokwelusa ukusebenza kombutho. Ukwelusa ukusebenza kwenzeka ngaphansi kobuholi kukaNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Thandi Modise nezinye izikhulu. Kukhona uMkhuzi wamasosha oMkhulu uGeneral Rudzani Maphwanya onikwe umsebenzi wokubheka umbutho.

UGeneral Maphwanya uqokwe kwesomkhuzi wamasosha ngo-Ephreli 2021, ethatha izintambo kuGeneral Solly Soke osedla umhlalaphansi.

Amasosha ahlala ebonakala engenelela efaka isandla uma kunezinhlekelele ezotakula ezimeni ezinzima. Ake abonakale esiza ngokuhlinzeka amanzi ngazo izikhathi zenhlekelele kwezinye izikhathi afake isandla kwakhiwe amabhuloho. Amasosha akuleli aphinde aphakwe ukuthi ayosebenzela kwamanye amazwe ayogcina ukuthula kuwona ngenxa yobudlelwano bawo nezwe lakuleli.

Nakuba ekhona umkhuzi wombutho kodwa umengameli wezwe wuyena mkhuzi-jikelele onegunya lokuphaka amasosha uma ebona kunesidingo sokwenza kanjalo. I-SANDF isungulwe ngo-1994 ngesikhathi kushintsha ukuphatha kukahulumeni kungenwa kowentando yabantu. Ngaphambi kwalokho, umbutho wawaziwa ngeSouth African Defence Force. (SADF).

I-SADF okuwumbutho wakudala yayisungulwe ngo-1957 ngaphansi kukahulumeni wangaleso sikhathi nokuthe ngombuso wentando yabantu wahlakazwa. Umbutho we-SANDF wabunjwa ngaphansi kwemigomo yentando yabantu ehambisana nokuhlonipha amalungelo abantu.

Umbutho wezokuvikela unemikhakha eyehlukene ngaphansi kwawo njengoba kukhona iJoint Operations Divison, SA Army, SA Air Navy, SA Military Health Service, Chaplain Services Divison neDefence Reserve. Umbutho uxube abesilisa nabesifazane bezinhlanga ezehlukene. Umbutho uba nezinkambi zawo ezindaweni ezahlukene ezweni ukuqinisekisa ukuthi ahlala emi ngomumo uma kuba nesidingo sokuthi asebenze.

Umbutho wamasosha unqume ukuthi umviliyelo wawo ubanjelwe eRichards Bay ngaphansi kuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo. Umbutho uqale ukunkanisa...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT