ULwesihlanu olukhulu kwawePSL abalekela izembe

Published date26 April 2024
AuthorXOLILE MPISANE
Publication titleIsolezwe
Obucayi kakhulu ngozobe uphakathi kweCape Town Spurs neRichards Bay, ozobe use-Athlone Stadium, eKapa, ngo-7.30 ebusuku

ISpurs iyona esemsileni kwi-log ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-24. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiBay, enamaphuzu angu-20 emidlalweni elinganayo.

Iqembu lika-Ernst Middendorp liwuqale kahle unyaka, liqoqa amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine. Kuyona linqobe emibili, ladlala ngokulingana kwemibili, lahlulwa kanye.

Inqola ikhumuke amasondo kusukela lapho njengoba linqotshwe emidlalweni emine ilandelana. Kowakamuva liguqiswe yiSekhukhune United ngo 1-0.

I-Natal Rich Boyz yona iwuqale kabi unyaka kodwa izongena kulo mdlalo wanamuhla ihambela phezulu kwazise isinqobe emibili yeligi ilandelana, ishaya iMoroka Swallows neKaizer Chiefs.

Umqeqeshi weBay, uVusumuzi Vilakazi, uthe bonke abadlali bayabuqonda ubumqoka bomdlalo wabo neSpurs kodwa futhi bayazi ukuthi leli qembu laseKapa lizofika nenhloso yokubaqumba phansi ukuze ligcine amathuba okuhlala esigabeni esiphezulu.

“Umdlalo ngeke ube lula neze. Akukaze kube lula ukudlalela eKapa kodwa sibheke ukuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle. Kuzosisiza ukuthi izinga lokuzethemba liphezulu eqenjini lethu ngenxa yokunqoba imidlalo emibili, bona sebedliwe kwemine ilandelana,” kusho uVilakazi.

Umdlalo wokuqala weligi phakathi kwala maqembu...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT