Ukusebenza kanzima ukuzwa ngaphakathi oweProudly SA

AuthorThokozani Ndlovu
Published date29 May 2022
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Uthe yize awushiya esawuthanda umsebenzi kulesi siteshi kodwa akazisoli njengoba kukuningi okuhle akwenzela iMetro FM naziqhenyayo ngakho

Manje useyiChief Marketing Officer yakwaProudly South African, nathe usefunde okuningi khona njengoba efisa abantu baqonde ngenhloso yale nkampani.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe ngeSonto, uthe ngaphandle kokusebenza ungusomabhizinisi owenze izinto eziningi ekukhuleni kwakhe.

“Ngikhule ngivele nginothando lokuba ngusomabhizinisi kodwa abazali bami babengasiqondi isifiso sami. Ukuhlangana noZindzi Mandela ngesikhathi ngisebenzela inkampani engenzi nzuzo i-Operation Hunger, kwangivula amehlo. Ngingathi nje uZindzi wangikhulisa ngokomqondo ezintweni eziningi nokwaholela ekutheni ngizithole sengigudlana amagxalaba nabantu abahlonishwayo emhlabeni okungubaba uNelson Mandela nomama uWinnie Mandela. Nokusebenza nomuntu oqhamuka emndenini ohlonishwayo kwenza ngasondelana nabantu abaningi abahlonishwayo kwavula namathuba ezinto eziningi empilweni yami,” kusho uHappy.

Uthe wangena e-Operation Hunger ngesikhathi esafunda e-Unisa eqedela izifundo zakhe zeCommunication and Marketing. Emva kokuphuma kule nhlangano uthe wazimela ehlela imihlangano emikhulu. Esematasa nalo msebenzi wakhe wagcina esethole umsebenzi enkampanini yotshwala iSeagram ngo-2000 lapho ayekhangisa khona ngeChivas Regal. Uthe wagcina ephenduke inxusa leChivas Regal. Lo msebenzi uthe wamxhumanisa nabantu abaningi abahlonishwayo.

“Ngagcina sengisebenzisana nethimba legolf club eyayihlanganise abantu abahlonishwayo, okukhona kubona oJaji Vuka Tshabalala, baba Jabu Mabuza, baba Khehla Mthembu nabanye abahlonishwayo ababeyingxenye yayo. Indlela engangisebenza ngayo ukumaketha iChivas ngagcina sengihlonishwa ngayo. Kwaze kwaduma ukuthi nginguHappy Chivas. Kulapho ngathola khona ukuthi isiphuzo esasikhonzwe owayenguMengameli wezwe ngaleso sikhathi, ubaba uThabo Mbeki kwakuyi-21-year-old Chivas Regal. Ngenxa yalokho ngathola nethuba lokuhambisela umengameli Mbeki lesi siphuzo sakhe sekhethelo,” usho kanje.

Ngo-2002 ngesikhathi eshada noMnuz Muzikayise Ngidi uthe kwazaleka ibhizinisi lakhe lokupheka eligxile nasekuhleleni imicimbi, iDevine Relations. Uthe ukuqala leli bhizinisi kwadalwa wukuthi uyazifela ngokupheka kanti nokupheka kahle uyakwazi.

Phakathi kuka-2007 kuya ku-2010 waqashwa yiThe Forum okuyinkampani esingatha imicimbi, waba yiBusiness Development Manager. Kungaleso sikhathi athe kwavuleka nethuba lokuthi aqale elinye ibhizinisi.

“Ngangena...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT