UCijimpi usanethemba ngokubuya kukaMobara

Published date26 April 2024
AuthorXOLILE MPISANE
Publication titleIsolezwe
UMobara wathola ikhadi elibomvu ngesikhathi Usuthu lunqotshwa yi-Orlando Pirates ngo 1-0 koweDStv Premiership ngeledlule

Unompempe uCedric Muvhali wamsola ngokukheqa umdlali wePirates, uPatrick Maswanganyi esebheke epalini.

Emva kwalo mdlalo uFranco Martin wazichitha izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi uMobara wazidonsela amanzi ngomsele ngokubhekisa amazwi alumelayo kunompempe.

Lokhu kwakungenxa yokuthi ukumaka kwakhe uMaswanganyi akubukeka kuyingozi ngale ndlela yokuthi kwakufanelwe yikhadi elibomvu.

Uthe sebeyithumele incwadi kwiPremier Soccer League benxusa ukuba isiguqule lesi sinqumo, ukuze lo mdlali abeseqenjini elizobhekana neChippa United eMoses Mabhid Stadium kusasa ngo-3 ntambama.

“UMobara umisiwe kodwa sithumele umbiko kwiPSL ngoba sikholwa wukuthi kwakungafanele athole ikhadi elibomvu. “Akadlalanga ngisho nakabi. Ngibona kuyinhlekisa ukuthi umuntu ajeziswe ngenxa yephutha lomunye umuntu. Abukho ubulungiswa lapho.

“Incwadi isikwi-PSL, sesilinde impendulo ngoba sibheke ukuthi uMobara abe khona kulo mdlalo neminye ezayo. Akulungile ukulahlekelwa wumdlali omqoka kangaka imidlalo emithathu ngento angayenzanga. Lokho kungalona ibhola lakuleli neligi,” kusho uMartin.

AmaZulu asendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-24. Lo mqeqeshi ubona kuyindawo engalifanele iqembu lakhe.

Asele ngamaphuzu amane kwiChippa, ebanga namaqembu afuna ukuthola indawo engxenyeni ephezulu kwi-log.

UMartin uthe bazimisele ukulwela ukuqeda kwiTop 8 kodwa ulindele umdlalo onzima njengoba iChilli Boyz...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT