Ubhubhane lomkhuhlane ludinga ukuthi uluphuthume lungakakuphuthumi

Date05 January 2021
Published date05 January 2021
Kubalulekile ukuthi sesibukile ukuthi shintsho luni emzimbeni olwenzekayo ngaphambi kokuthi umzimba ufike lapho okungabuyi muntu khona ngaphandle kweNkosi uJesu; mhlawumbe lokhu kuyokwazi ukusinika isithombe esiyogqamisa ukubaluleka kokungenelela, nokugcizelela ukuthi lokhu kungenelela kwenziwa nini? Lesi simo esikhona ngisibize ngobhubhane lomkhuhlane ngabomu ngenxa yokuthi kuningi ukukhuluma okukhona okuyimpikiswano, emayelana negama lalomkhuhlane nemvelaphi yawo. Sekushiwo konke, ekugcineni siyavumelana futhi angikezwa noyedwa umuntu okuphikisayo okwenzeka ngaphakathi emaphashini nasemzimbeni.

Ake siqale ngokugcizelela ukuthi kulo mkhuhlane izimpawu aziveli ngelanga otheleleka ngalo. Kuthatha cishe izinsuku ezinhlanu kusakheka izinkomba zobuthi ngaphakathi, bese kuyavela ukuthi wena usuthelelekile. Emuva kwalokhu uzothatha cishe ezinye ezinhlanu bese ziyavela izimpawu zokuqala okungaba ukukhathala komzimba okungajwayelekile, ikhanda, ukukhwehlela okomile. Ngalesi sikhathi kuvela izimpawu zokuqala ubuthi busuke bubuningi emzimbeni yingakho ngalesi sikhathi useqophelweni eliphezulu lokuthelela abanye. Abanye bayasinda ngaphambi kokuvela kwezimpawu, abanye njalo kube yilezompawana bese eyasinda. Ukusuka kuleli qophelo uya ekuguleni okungamandla cishe okungakuyisa esibhedlela kuthatha izinsuku cishe ezine. Lapha ngikhuluma ngokucinana, ukushisa, ukukhathala okunamandla, abanye basuke sebeqhaqhazela, ulimi luphunduleke ekunambitheni, ukudla ungakuthandi, ukukhishwa yisisu, ikhanda, uhlala ungumyambalala ulele nje.

Noma ngubani uma ephefumula, ungenisa umoya onamandla emaphashini kuphumele ngaphandle umoya ongenawo amandla. Umoya ongenayo uhamba uye emahlukuzwaneni athile emathunjini amaphaphu. La mahlukuzwana anezinhlayiyana (pneumocytes) ezihlukaniswe kabili ngokomsebenzi eziwenzayo. Lo mkhuhlane uhlasela izinhlayiyana ezikleliswe zaba ezesibili kulokhu kuhlaliswa. Umsebenzi walezi zinhlayiyana ezisemahlukuzweni ubaluleke kakhulu ekuhluzeni okushintshanisa umoya onamandla nomoya osuphelelwe ngamandla. Asikhumbuzane ukuthi yilo moya onamandla ozongena uguduze ngemigudu yegazi uye enhliziyweni. Uzosuka enhliziweni uphakelwe umzimba wonke. Ngiyethemba sesiyabona ukuthi noma yini ezophazamisa lokhu kushintshisana kwemimoya, umphumela ukungafiki komoya odingwa umzimba, kuvele kwande umoya ongenamandla emzimbeni. Yilo moya ongenamandla ozobe usugcwala ezindaweni ezithile zomzimba njengolimi, nangasekugcineni kweminwe nezinzwani ozokubona ngokushintsha umbala ube...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT