Singabelaphi bendabuko asifundise isizwe sakithi isintu kuqala

Published date07 June 2022
Publication titleIsolezwe
Okugcine kuvela ngukuthi baningi abebecindezelekile. Lokhu kucindezeleka sekuqhamuka emuva kwesimemezelo sokuthi sekubuyelwa endleleni endala okwabe kusetshenzwa ngayo yokuthi abantu bazifikele ngaphandle kokuthi baze bashaye ucingo. Abantu abebethathwa ngezinsuku eziphakathi nesonto bebeba ngamashumi amahlanu ngosuku, isibalo sasiphindwa kabili

Ukubekisa isikhala ngale ndlela akwenziwanga ngoba sekuvele isifo seCovid-19 kodwa kunosuku lapho kwacishe kwalimazana khona abantu abagcwala isango sebebanga ukungena ababengaphezulu kwamakhulu amabili. Abanye babefike ngayizolo bezolala ngaphandle befikela usuku lwangakusasa. Kulapho kwabonakala khona isidingo esikhulu sokuthi akwethulwe lolu hlelo.

Lusebenze kahle kakhulu uhlelo, ngokwehla kweCocid-19 nabantu belokhu bekhala okuthe ngoLwesithathu kwamenyezelwa kwiYouTube nasemsakazweni ukuthi uhlelo seluyaphela.

Esikhathini esingangemizuzu engu-30 isimemezelo sikhishiwe kwiYouTube kungene izincomo ezingaphezlu kwezinkulungwane ezine abantu bebonga abanye bethi uhlelo lubahlukumeze kakhulu baze bagcina sebedikibala abanye. Ukudikibala kwabo okubangwa wukungabanjwa kocingo, kwenye inkathi lungangeni kwalona ucingo.

Kusukela ngoLwesine kumenyezelwe uhlelo lukathelawayeka, abantu abangene ngesango baphindeke kabili kunakuqala. Obekuyaye kwenziwe bekuyaye kufike abantu abangamashumi amathathu kodwa ngakusasa baphindeke kabili, kunamhlanje okungakapheli ngisho isonto, usuku lwangoMgqibelo lubonakale sengathithi isibalo sabantu sizophindela kulokhuya esasikubalekela.

Sibalula lokhu hhayi ngoba sithi isigodlo saseMlambomunye kuyisona esilapha kangcono kunezinye izigodlo kodwa lokhu kutshengisa izinto eziningi ekwelapheni kwendabuko. Uma ungumuntu oyaye ahambe elalela nangokwenza ucwaningo uyathola abantu abaningi bakithi basahluphekile kakhulu. Ukuhlupheka kwabo akungoba kungukuthi bayagula kodwa wukulahlekelwa wulwazi lwesintu namasiko nokwenza.

Kukhona umuntu oke afike ezele ukuzothatha iseluleko sokuthi umsebenzi wokubuyisa othizeni emndenini uzowenza kanjani, into eyayingaphunyelwa uyozwa emandulo. Abanye uthole ukuthi emndenini bayaphikisana ngokuthi kulokhu abazokwenza, ngabe kufanele yini kube khona oyinyanga ozokuba khona emsamo wabo. Uma sebephuma beyokuzwa kulabo abazokubatshela iqiniso bathole ukuthi akufanele ngabe kuza inyanga ekhaya.

Kuningi ukuxazululelwa izinkinga ngendlela okungeyona, ukushesha kokuthwasiswa uma ugula nokungachazelwa ngeminyombo yemisuka yezinto ezisuke zikudalela izinkinga. Kungakho...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT