Silindele ukuthi ziphenywe kabanzi izinsolo zenkohlakalo e-Eskom

Published date14 May 2023
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Kuyingozi uma kuhlwa ezweni ngenxa yokuqonga kwezinga eliphezulu lobugebengu bese kucishwa ugesi. Umphakathi kawuphephile

Kukhahlamezeka izakhamizi ezingumsobo wokwentuleka kwenkece ngenxa yesibalo esiphezulu sokuncipha kwemisebenzi, indlala, isomiso nezifo eziningi, okubalwa nokhuvethe.

Kuphinde kube nesimo sokushintsha kwezulu okuletha ukuduma okwesabisayo, nezikhukhula ezinamandla ezithatha imiphefumulo yabantu. Kunezingozi ezinyantisa igazi, ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, konke kulahlisa ithemba ngekusasa lezwe.

Okubi wukuthi, esikhundleni sokuba kusetshenziswe abantu abakhona, kulethwa umuntu ongazi ukuthi uqashelwe ini. Lento ifana ncamashi nokuthi umuntu axoshe inyamazane, kuvuke uxamu ayeke inyamazane, axoshe uxamu.

Impela uMhlonishwa Kgosientsho Ramokgopa, oqokelwe ukuletha ugesi kubukeka sengathi uwucima ukwedlula isikhathi esingaphambili.

Kuze kube yinamuhla ayikaze inekelwe izwe imigomo nemibandela okufanele asebenze ngaphansi kwayo njengoba eqokelwe esikhundleni.

Ezindaweni eziningi ugesi uhamba kathathu ngosuku. Kuyashaqisa ukulokhu kuvela imibiko ethi njengoba ubusika busemome kungenzeka ugesi ucishwe ngokohlelo lokuwonga lwesigaba sesikhombisa, kuya kweseshumi.

Uma ngempela lokhu kungagcina kwenzekile kuyochaza ukuthi uhulumeni weqembu elibusayo uhlulekile futhi uhlinzele izakhamuzi zakuleli ezibini. Kumele siqandwe isibhicongo senhlekelele singakenzeki.

Ukucishwa kukagesi kunomthelela ongemuhle kubahwebi ngoba abanye abasakwazi ukwenza inzuzo...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT