Sijeqeza emuva ngombango wecala lakwaShembe
Published date | 27 June 2021 |
Author | Thokozani Ndlovu |
Publication title | Isolezwe ngeSonto |
Umbango wasuka ngesikhathi kutshalwa umholi wamaNazaretha, iNkosi Mbusi Vimbeni Shembe, “uThingolwenkosazana” eBuhleni ngo-Ephreli zintathu ku-2011.
Okwasusa umsindo wukumenyezelwa koNyazi neMisebe ngosuku lokutshalwa koThingo. Ngokwenkolelo yamanye amaNazaretha, umholi omenyezelwe kuqala kusuke kunguyena umholi ofanele, yingakho nabamlandelayo beba baningi.
Kwenzeka kanjalo nakuNyazi olwamenyezelwa kuqala yinkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo njengomholi wamaNazaretha kanti ishaya eceleni njengoba kunencwadi yefa eyashiywa wuThingo, ekhomba Imisebe.
Ukumenyezelwa kweMisebe ngosuku olufanayo ngummeli woThingolwenkosazana, uMnuz Zwelabantu Buthelezi, esebenzisa incwadi yefa eyasayinwa yilona uThingolwenkosazana, kwadidisa abantu ngoba kuthiwa yayingakaze yenzeke into enje emlandweni wamaNazaretha.
Yize kunjalo kodwa iningi lalizitshela ukuthi umholi ofanele wuNyazi oluyindodana yoThingolwenkosazana, engekho ozitshela ukuthi umholi okhotheme wayengabhala umfowabo iMisebe ukuhola amaNazaretha, esikhundleni sokubhala indodana yakhe. Ngakolunye uhlangotho bekuhlala kuvela ukuthi umholi ukhethwa ngokomoya ongcwele.
Lokho kwakudalwa wukuthi kunomlando othi abanye abafowabo beMisebe abadala kabazwananga noyise omncane, iNkosi Amos Khula Shembe “iNyangayezulu” ezala uThingolwenkosazana, okwaphoqa ukuthi agcine ephumile ekuPhakameni wayoqala umuzi omusha eBuhleni nebandla aphuma nalo eKuphakameni, ngemuva kokunikwa indawo nguyise kaNgcobo, inkosi Mzonjani Ngcobo esakhothama.
Yize lamenyezelwa igama leMisebe kodwa abaseBuhleni baqhubeka nezinhlelo zokuthi kugcotshwe uNyazi ukuba ngumholi wamaNazaretha kodwa okwagcina kungenzekanga emuva kokuthi abaseThembezinhle abahamba nomholi uVela Shembe befake isicelo esiphuthumayo enkantolo bemisa ukugcotshwa kukaMnuz Mduduzi Shembe.
Ukugcotshwa kwakhe kwagcina kuphendulwe umcimbi nje ojwayelekile ngoba amakholwa ayevele esethutheleke ngobuningi eGospel eMthwalume, ngoJulayi zinhlanu ku-2011, ngethemba lokuthi kuzogcotshwa umholi.
Kusuka lapho kuqale icala lombango wobuholi, abaseThembezinhle (okuyigama lomuzi wakwabo kweMisebe) besebenzisa incwadi eyasayinwa wuThingolwenkosazana inegama lomholi olandelayo osencwadini, okwavela ukuthi kubhalwe Imisebe kuyona.
AbaseBuhleni bakuphikisa lokho ngokuthi kuyiwe enkantolo baveza izinsolo ezithi incwadi yefa eyasetshenziswa ngummeli uButhelezi yayikokoteliwe.
Ubufakazi
...
To continue reading
Request your trial