OweKhuphuka uthi akukho okuphambene ngokuwina imoto kwenduna yabalandeli

AuthorThokozani Ndlovu
Published date14 May 2023
Publication titleIsolezwe ngeSonto
UZwane umenyezelwe kuleli sonto ukuthi uyena ohambe nomncintiswano wemoto, iNissan NP 200

Umhleli womcimbi, uNgelo V, uthe izinduna zabalandeli nazo bezingaphansi kohlu lwabalandeli futhi alikho iphutha ngokuthi zihlomule njengabo.

“Umncintiswano wemoto ubuvuleleke kuwona wonke umuntu ngaphandle kwabaculi abebeyingxenye yomcimbi. Abaculi asibafakanga emncintiswaneni wemoto ngenxa yokuthi bekukhona owabo obekuwinwa kuwo imali enguR100 000, othathwe wuKhuzani.

“Izinduna zabalandeli nazo zingabalandeli bomculo kamaskandi besingekho isidingo sokuthi sizikhiphele ngaphandle ngoba ubungekho omunye umncintiswano obuqondene nazo kuphela,” kusho uNgelo V.

Ngesikhathi kumenyezelwa uZwane njengohlabene ngemoto, ubengekho yena emcimbini. UNgelo V, uthe baxoxile naye kwavela ukuthi ubanjwe wumsebenzi. Uthe bamatasa nezinhlelo zokuthi uZwane...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT