Ny Oped eThekwini Ubhekwe ngabomvu umhlangano we-ANC

Published date22 November 2020
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Isifunda se-ANC eThekwini sikhulu kunazo zonke futhi kakungabazeki ukuthi ingqungquthela yaso yokukhetha ubuholi izobe ibhekwe ngabomvu ngasekuqaleni konyaka ozayo.

I-ANC eThekwini isho ngamagatsha angu-110 asabalele nezindawo ezehlukene. Njengamanje iTheku kalinabo ubuholi, linohlaka lwesikhashana olulungiselela ingqungquthela ezokhetha ubuholi obusha.

Ubuholi be-ANC esifundeni buhlakaziwe emuva kokuthi kususwe uNkk Zandile Gumede esikhundleni sobumeya. Uhlaka lwesikhashana ludidiyele namalungu esigungu esiphezulu esifundazweni.

Izikhundla ezibangwayo ezingeni lesifunda ziba zinhlanu, kuba wusihlalo, yiphini likasihlalo, wunobhala nephini lakhe bese kuba wumgcinimafa.

Kufanele ngabe isifike yadlula ingqungquthela kodwa yaphazanyiswa wukuvalwa kwezwe ngenxa yegciwane iCorona. Izinsuku zengqungquthela zase ziqaliwe zisikazwa njengoba yayikhonjwa ngo-Ephreli futhi kwakuthiwa izoba yizinsuku ezintathu. Nehhovisi le-ANC kuzwelonke lase liyigunyazile. Ukuhlangana kwengqungquthela yesifunda kuzosiza ukuthi isheshe iqale amalungiselelo okhetho lohulumeni bezindawo, oluzoba ngonyaka ozayo.

Izingxoxo zombango wobuholi zivele zishisa phansi kulesi sifunda futhi izinhlangothi ezigaqele izikhundla ziyaziwa nomkhankaso wazo ushisa phansi.

Zintathu izinhlangothi ezaziwayo ukuthi zifuna ukuhola i-ANC eThekwini. Uhlangothi lukaNkk Zandile Gumede obevele engusihlalo wesifunda ofuna ukubuyela esikhundleni.

UNkk Gumede uyiLungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal. Uke waba yimeya kuMasipala weTheku ngaphambi kokuhoxiswa. Uhlangothi lukaNkk Gumede lubizwa ngeStatus Quo njengoba izinhlangothi ziba namagama neziqubulu uma kuqhutshwa umkhankaso. Uhlangothi lwesibili luholwa wuMnuz Thabani Nyawose, ogaqele isikhundla sikasihlalo wesifunda. UNyawose usebenzela uMasipala weTheku, uyiMenenja ophikweni lwezokuHlaliswa kwaBantu kanti uke waba yisishabasheki emkhankasweni kaMnuz Cyril Ramaphosa, iCR17. Uhlangothi lukaNyawose lubizwa nge-Renewal, Rebuild and Unity (RRU). Uhlangothi lwesithathu olunoMnuz Mthokozisi Nojiyeza luthi lona alukayikhulumi eyokwaba izikhundla kodwa lunombono wokuthi zonke izifunda zimeleleke ebuholini. Uhlangothi lukaNojiyela lubizwa nge-3rd Way. Nalo ludidiyele inqwaba yamalungu e-ANC esifundeni. UNojiyeza uyikhansela laseMlaza ku-ward 80. Akuyona imfihlo ukuthi uma sebukhethiwe ubuholi besifunda buzobe busemathubeni okulawula uMasipala weTheku, uma i-ANC ibuyela emandleni emuva kokhetho. UMasipala weTheku ungomunye wabathola isabelomali esikhulu ngoba ungumasipala...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT