Lenyukile izinga lokubhenywa kwentashi

Published date26 April 2024
AuthorKhulekani Maseko
Publication titleIsolezwe
Umqondisi wenhlangano elwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa i-South African National Council on Alcoholism and Drug Dependence, eThekwini, uNkk Fathima Hussain ekhuluma ne-SABC, uthe ukusetshenziswa kwalolu hlobo lwesidakamizwa kwenyuke cishe ngo-32% ngonyakamali odlule

Ukusho lokhu emva kokuthi ngoLwesibili, amaphoyisa ophiko loKlebe evundulule inqwaba yalolu hlobo lwesidakamizwa okuthiwa singabiza u-R15 million emkhunjini obusechwebeni eliseRichards Bay.

UMnuz Mbongiseni Msomi owumsunguli wenhlangano eluleka asebeyimulutha yezidakamizwa abafisa ukuphuma kuzo, iLaqhakaza Iphara Recovery Organization engxoxweni neSolezwe, uthe iningi labasuke bezocela usizo, abavela ezindaweni ezakhelene nedolobha iTheku abalule kuzona i-Durban North okuyindawo ehlala abantu abanemali.

“Lolu hlobo lwesidakamizwa sisetshenziswa abantu ababukeka benemali futhi iningi labo abafundile. Isikhwanyana esincane esenela inkinobho yehembe, ngo-2019 ngigcina ukusibona, besibiza u-R500, cishe sesikhuphuke kakhulu manje. Imvamisa abantu abafika bezofuna usizo, basuke sebenenkinga yemali, omunye esecwile ezikweletini ngendlela emangalisayo, njengoba uma sesikungene kahle egazini ungasibhema noma ikathathu ngosuku,” usho kanje.

Uthe abazisebenzisayo akulula ukuthi babonakale njengoba iningi lapho lingabantu ababukeka bephumelele, abagqoka kahle futhi abahloniphekile ngenxa yemisebenzi abayenzayo noma iqhaza abanalo emphakathini. Uveze ukuthi osomabhizinisi abadlondlobele nabo bagcina bedla lesi sidakamizwa esishaya kuzwele ephaketheni.

“Okunye ngaso ukuthi sinomona, asisebenziseki nolunye uhlobo lwesidakamizwa. Umuntu ungamfica ephethe ikani likabhiya endaweni yobumnandi kuze kuse engaliqedile...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT