Lala uphumule Phephsile ukulwile ukulwa okuhle
Published date | 12 January 2021 |
Date | 12 January 2021 |
Cishe ekekho ungqongqoshe oke waphatha ezempilo kuleli ongamazi uPhephsile ngoba bekuma umhlangano uma engekho. Ekusebenzeni kwakhe ubelibeka ngembaba elokuthi yena akancenge phalishi likahulumeni njengalokhu kwenza abanye abahola izinhlangano zokwelapha, kumbe abangabelaphi bendabuko. Esikhathini sanamhlanje inkinga enkulu neyenza banganakeki abelaphi bendabuko wukuthi noma kuthiwa bayathintwa kuthintwa okwaziwayo ukuthi bangabancethezi, balambele iphalishi likahulumeni. Uhulumeni athole ukusebenzisana nabelaphi abathizeni ngokubathatha abayise emihlanganwemi eba semahhotela lapho sizojabulela ukulala khona sivuke sidle kamnandi kodwa ekugcineni singaboni ukuthi siyasetshenziswa.
Namhlanje sizwa sekuthiwa umgomo weCovid-19 usuzotholakala kuyona le nyanga, kodwa ekuqaleni kade kukhonjwa u-Ephreli, ukuthi sekusheshiswa yini kangaka akekho owaziyo ngaphandle kwalabo abathi baxoxa nezinkampani eziwukhiqizayo. Kwaqhamuka umhlonyane okwavezwa ukuthi bewelapha kakadeni kithina nasezinganeni emandulo, kodwa lokho kwahlikizwa ngokukhulu ukushesha awuzange uzwe ngisho emsakazweni kumbe kwithelevishini kukhulunywa ngawo okungenani-ke kuchazwa ukuthi wenzani. Kwagijima abathize bayovula izindawo okuthiwa zizocwaninga ngemithi yesintu kwagcina lapho akuphindanga kwezwakala lutho emva kwalokho. Kunabelaphi abanezimbiza ezaziwayo abanye batshelwa amathongo abo ngokuhlanganiswa kwazo, kodwa bebengeke balinge bathi bayakuveza lokho ngoba uhulumeni wethu omnyama ubungeke uze ukwamukele...
To continue reading
Request your trial