Lala uphumule Phephsile ukulwile ukulwa okuhle

Published date12 January 2021
Date12 January 2021
Ukudlula kwakhe emhlabeni emva kokugula isikhashana, kushiya inhlangano ebigubha iminyaka engu- 50 yaba khona igqemeke engeqiwa ntwala. I-THO iyinhlangano esingasho sithi ingenkulu kakhulu kuleli ehlanganisa abelaphi bendabuko neqhuba ukufundisa kakhulu ngezokwelapha nokukhuthaza abelaphi bendabuko. Siyazi ukuthi namhlanje kuningi ukubukeleka phansi ekwelapheni ngokwendabuko nabelaphi bendabuko abangaqondi ukuthi kuyini lokhu abanikezwe kona. Obekwenziwa nguPhephsile bekungukugqamisa ubumqoka, balolu hlobo lokwelapha e-Afrika nokungashiywa ngaphandle kuko konke okwenziwayo. Ngenkathi uhulumeni ememezela ukuvalwa kwezwe thanqa ngoMashi nyakenye abelaphi bendabuko bashiywa ngaphandle akuzange kushiwo lutho ngabo. UPhephsile ungowokuqala owamemeza ekhala ngalesi senzo kodwa wafana nenyoni ekhala yodwa ehlathini, ngokuthi uyaziwa ukuthi akancengi kwagcina abelaphi bevumelekile ukuthi babe neqhaza nabo kanjalo bavunyelwe baqhubeke nomsebenzi wabo wokwelapha, kodwa ngokulandela imigomo yeCovid-19.

Cishe ekekho ungqongqoshe oke waphatha ezempilo kuleli ongamazi uPhephsile ngoba bekuma umhlangano uma engekho. Ekusebenzeni kwakhe ubelibeka ngembaba elokuthi yena akancenge phalishi likahulumeni njengalokhu kwenza abanye abahola izinhlangano zokwelapha, kumbe abangabelaphi bendabuko. Esikhathini sanamhlanje inkinga enkulu neyenza banganakeki abelaphi bendabuko wukuthi noma kuthiwa bayathintwa kuthintwa okwaziwayo ukuthi bangabancethezi, balambele iphalishi likahulumeni. Uhulumeni athole ukusebenzisana nabelaphi abathizeni ngokubathatha abayise emihlanganwemi eba semahhotela lapho sizojabulela ukulala khona sivuke sidle kamnandi kodwa ekugcineni singaboni ukuthi siyasetshenziswa.

Namhlanje sizwa sekuthiwa umgomo weCovid-19 usuzotholakala kuyona le nyanga, kodwa ekuqaleni kade kukhonjwa u-Ephreli, ukuthi sekusheshiswa yini kangaka akekho owaziyo ngaphandle kwalabo abathi baxoxa nezinkampani eziwukhiqizayo. Kwaqhamuka umhlonyane okwavezwa ukuthi bewelapha kakadeni kithina nasezinganeni emandulo, kodwa lokho kwahlikizwa ngokukhulu ukushesha awuzange uzwe ngisho emsakazweni kumbe kwithelevishini kukhulunywa ngawo okungenani-ke kuchazwa ukuthi wenzani. Kwagijima abathize bayovula izindawo okuthiwa zizocwaninga ngemithi yesintu kwagcina lapho akuphindanga kwezwakala lutho emva kwalokho. Kunabelaphi abanezimbiza ezaziwayo abanye batshelwa amathongo abo ngokuhlanganiswa kwazo, kodwa bebengeke balinge bathi bayakuveza lokho ngoba uhulumeni wethu omnyama ubungeke uze ukwamukele...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT