Kuzotshalwa amaphoyisa azoqapha ukhetho eKZN

Published date18 April 2024
AuthorMhlengi Shangase
Publication titleIsolezwe
UMengameli wamaJaji esKZN, iJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, uxwayise abaholi bamaqembu ezombusazwe esifundazweni ukuthi bangangezi amanye amacala njengoba umthwalo wabo uvele unyinyitheka. Uthe bami ngomumo ukubhekana namacala athinta ukhetho

“Sizimisele ukubhekana ngokushesha nawo wonke amacala athinta ukhetho. Izinkantolo zizobe zimi ngomumo kanti sifuna ukuthi kuphele uMeyi noma uJuni sesinqumile saqeda ngamacala azofikela kithina.”

Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini obuhlelwe yiKhomishini yezoKhetho esifundazweni wokusayinwa kwesibopho sokuzibophezela kwamaqembu ezombusazwe ukuthi ukhetho luzoba ngolunokuthula nolukhululekile eNkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini.

UMkhuzi wamaPhoyisa eKZN, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe kuzotshalwa amaphoyisa abalelwa ku-17 000 azoqapha ukhetho.

Uthe kumele ngabe babhekana namanye amacala abucayi athinta ukudlwengula nokubulala esifundazweni kodwa kumele bagade abantu okumele ngabe bayakwazi ukuzigada bona.

“Sizochitha uR40 million sitshala amaphoyisa amaningi kangaka. Ngeke sithi nsi, ngalesi sikhathi namaphoyisa awazoya elivini kusuka ngenyanga ezayo kuze kube uJuni...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT