Kuyasishaya ukungaligcini isiko lenhlambuluko nokuthelelana amanzi

Published date07 September 2021
Publication titleIsolezwe
Sisenyangeni uSepthemba (uMandulo) okuyinyanga yokuqala konyaka kithina bantu abansundu base-Afrika. Kulapho sandulela khona zonke izinto sekukhala inyoni uPhezukomkhono ukuthi akuyiwe manje ezivandeni. Kulapho konke kuqala kuba luhlaza, nomuntu imbala elindele ukuba izinto zakhe ziqhakaze kabusha. Kulapho-ke kuvela khona ukuthi akukho yini okungase kube isithiyo kukho konke lokhu okuqhamuka nale nyanga na.

Abantu babona, imindeni kuhambe kuhambe ingezwani, okwakuhamba kuze kuyothinta ngisho isigodi nesizwe imbala. Kungakho kwakukhona izinduna namakhosi ababhekele ukuthi uma sekukapakela esizweni nasesigodini nakuleyo ndawo uma kwenzeka kuba khona ingxabano esijulile. Uzalo lwalwazisana kodwa ekugcineni abanye banukane baze bayophonsana ezangomeni, kulapho iLembe inkosi uShaka azithiya khona izangoma ngoba zase zibanuke kakhulu abantu bebulalana bodwa ngoba kuthiwa bayathakathana. Kukho konke-ke lokho kwakuthi uma sekuxolelwene bese kwenziwa umcimbi wokuthelelana amanzi, okuyinhlambuluko, abanye bethi ukukhumelana umlotha. Leli siko lalinendlela yakhona yokwenza yesintu eyayiqhutshwa ngumndeni lowo othintekayo kumbe amalungu omndeni othintekayo, kumbe umuzi nomuzi. Leli siko lesintu lokuhlambulukelana lalenziwa ngumndeni kungabizwa sangoma namelaphi wendabuko njengalokhu sekukhona ukuxhaphazeka osekwenzeka namhlanje. Sekulula ezinsukwini esesiphila kuzona ukuzwa kuthiwa kade umndeni othize uthelelana amanzi kumbe kwenziwa inhlambuluko benziswa yisangoma. Ikhona ukulahleka kwendlela yesintu esingasaziwa kubantu abamnyama nakuzona izangoma ezithwasile kodwa isintu esingasaqondakali nakuzona.

Isikhathi esiningi lapho sihamba khona siyobheka okusihluphayo sivame ukutshelwa ngabahamba bexabene. Umbuzo bese kuba ngukuthi kulungiswa kanjani kulapho-ke kuqhamuka khona umelaphi athi “kufanele ngizonenzela”. Uma nazi nani emndenini ukuthi kukhona abahamba bexabene akudingi nokuthi nize niyotshelwa okungekhona, kuphela yenzani isiko lesintu...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT