Kuqubula umsindo ukwehlukanisa uhulumeni neqembu

AuthorKHETHA SANGWENI
Published date07 May 2023
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Uma iqembu liwina ukhetho lisuke selizojuba abantu balo ezikhundleni zomengameli, yiphini lakhe, ongqongqoshe, amalungu ePhalamende nezinye izikhundla. Esimeni sesifundazwe, kusuke kuzobekwa undunankulu nomkhandlu wakhe kube khona namalungu esiShayamthetho nezinye izikhundla ezehlukene

Nakomasipala kuba yinto efanayo, lapho iqembu linqobile lathola amandla okuphatha umkhandlu. Lelo qembu lisuke selizojuba imeya, yiphini layo namakhansela abazolimela kumasipala.

Kuyaziwa ukuthi iqembu uma lisemandleni linabantu elibajubile ezikhundleni, kufanele leluse ukusebenza kwabo. Kusuke kusho ukuthi kuhulumeni kusebenza imigomo yalo iqembu elisuke liphethe uhulumeni. Lokhu kusho ukuthi nomuntu ongalivotelanga lelo qembu usezophathwa yilona, amukele izidingo ezilethwa yilona emphakathini.

Kulindeleke ukuthi nalo iqembu lilethe izidingo kubantu ngaphandle kokubheka ukuthi bayiliphi iqembu lezombusazwe. Kusabuye kube nempikiswano maqondana nokwehlukanisa iqembu nohulumeni.

Kusanda kuvela isikhalo ngenhlangano ebusayo KwaZulu-Natal, i-ANC, esolwa ngokwehluleka wukwehlukanisa inhlangano nohulumeni. Isolwa ngokugxambukela ezintweni okufanele zisingathwe wuhulumeni ngaphandle kokuqhakambisa inhlangano.

Isikhalo besivezwa wumengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ngesikhathi kukhulunywa ngodaba lwenkontileka yokuphakela abafundi ezikoleni, olususe umsindo. I-ANC njengoba ibusa uhulumeni wesifundazwe ilandelwa eduze yi-IFP ephikisa ngokusemthethweni.

I-IFP ifike yaphakamisa ukuthi kunqanyulwe inkontileka yenkampani ephakela ukudla ezikoleni emuva kokuthi kube nenkinga. I-ANC yabiza isithangami sabezindaba yamemezela ukuthi ithathe isinqumo sokuthi inqanyulwe inkontileka yenkampani ephakela izikole.

Isikhalo sikaHlabisa wukuthi nakuba besemukela leso simemezelo kodwa bebelindele ukuthi senziwe wuhulumeni.

“Ngesikhathi sithi akunqanyulwe inkontileka sasibhekise kuhulumeni wesifundazwe iKwaZulu Natal. Kuyamangaza ukuzwa isimemezelo sokunqamula inkontileka sesenziwa yi-ANC. Lokhu kungase kuchaze ukuthi i-ANC seyikhiphe umyalelo wokuthi kuqashwe le nkampani. Kunomehluko phakathi kwe-ANC nohulumeni wesifundazwe,’’ kusho uHlabisa esitatimendeni sakhe.

Ngaphandle kwalolu daba lwenkontileka yokudla, kuvamile ukuthi i-ANC ikhulume ngezindaba zikahulmeni ngaphambi kokuba wona ukhulume. Lokhu kungase kubukeke sengathi abantu bafunzwa nge-ANC ekubeni bona bebheke izidingo kuhulumeni.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uchaze kabanzi ngezenzo zabo zokukhuluma izindaba zikahulumeni baze...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT