Kunzima koMasipala baseKZN abakweletwa uR3 billion

Published date26 April 2024
AuthorSabelo Nsele
Publication titleIsolezwe
Usihlalo wenhlangano yomasipala, iSA Local Government Association (Salga) KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uthe omasipala nabo sebephoqeleka ukutsheleka imali abazoyisebenzisa ngesikhathi besalinde ukuthi iminyango kahulumeni ibakhokhele

Ukusho lokhu eThekwini izolo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinkinga ezikhungethe omasipala.

UNtuli uthe kungokokuqala emlandweni ukuthi isikweletu seminyango kahulumeni sifike kuR3 billion.

Iminyango ekweleta kakhulu owezeMpilo, owezeMfundo nowezeMisebenzi yoMphakathi.

Isikweletu esikhulu esamanzi, kube esama-rates nesikagesi.

Uthe sekuyinto eyejwayelekile ukuthi omasipala bazithole bephoqeleka ukudala izikweletu ngenxa yokwanda komkhuba wokungakhokhi ngesikhathi kweminyango kahulumeni.

“Indlela omasipala abenza ngayo isabelomali sabo, basenza bebala nemali abasuke bezoyiqoqa. Uma iminyango kahulumeni namabhizinisi behluleka ukukhokha ngesikhathi, kuphoqa omasipala ukuthi bayodala izikweletu ukuze kungaphazamiseki izinhlelo zentuthuko abasuke bezihlelile.”

“Ukunyuswa kwemali ekhokhwa uma uboleka imali ifike ngesikhathi esinzima komasipala. Imali inyuswe ngesikhathi kunesidingo esikhulu komasipala ukuthi batsheleke imali ngenxa yokungakhokhi kweminyango kahulumeni.

“Kuyasikhathaza ukuthi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT