Kucishe kwaphambana ebhulelwa into engekho

Published date29 March 2022
Publication titleIsolezwe
Ube nenhlanhla enkulu uMbongiseni, ngoba amaphupho abezifikela kuyena, etshelwa ukuthi akenzeni. Iphupho okuyilona elagqama kakhulu kuyena ngelikayisemkhulu uMazaleni, owamtshela ukuthi aze abheke isalukazi kuze kube siyedlula emhlabeni futhi angaphumi ekhaya akhulele kulona, ahlale libe ngumuzi wabo, ngoba ayikho enye ingane yomfana ekhona ekhaya

Nebala kwaba njalo wakhula saze sadlula isalukazi ekhaya. Ngenhlanhla sadlula sesimbonile umalokazane wakwaso, wathola izibusiso zaso isalukazi nokuthi umuzi besiwuphethe kanjani sikhulisa unina kaMbongiseni kanzima nabafowabo. Sachaza ukuthi unina kaMbongiseni akagananga wagcina ngokuthola abantwana abathathu esekhaya, amantombazane amabili asagana nomfana oyedwa. Sashiya sicelile naso ukuthi ikhaya lize lihlale liyikhaya elifudumele njengalokhu kwakusekhona umkhulu.

Ngenkathi isalukazi sidlula emhlabeni esinguninakhulu sashiya izimbuzi nezinkomo nezinkukhu kugcwele ibala. Naye uMbongiseni njengoba esebenza, ubelokhu ezithenga izinkomo enenhlanhla njengalokhu kwakusaphila ikhehla elingumkhulu, zizala ubuthaphuthaphu. Nabantu endaweni bebesho kufanele ngoba umfana uhambe emazwini kayisemkhulu wamhlonipha.

Usenezingane uMbongisemi esezindala. Seziyafunda esikoleni kodwa okuxakayo yindlela ezinezinkinga ngayo. Bobabili nomkakhe, uMaSibiya sebeyamangala ukuthi sekwenzenjani. Kulokhu kuhlupha sekuqala into ebingekho lapha ekhaya yezinkomo eseziqala ukufa, ziyaphunza ezinye ithi ingakhwelwa ivele iphume igazi. Izimbuzi ziphunza ubuthaphuthaphu, zife khona lapho. Angami uMbongiseni aphahle abuze kugogo nomkhulu ukuthi kwenzenjani, kunokuthi kube khona okubuyayo, kube zinhlanga zimuka nomoya. Ekugcineni aphume ahambe ayokuzwa ukuthi ngabe kwenzenjani? Omunye wabangane bakhe amyalele inyanga.

Uma efika atshelwe ukuthi izingane zihlupha nje nemfuyo efayo, indaba isekhaya. Kunesilwane esisebaleni, esibayeni, nesibongo asisebenzisayo kufanele asiguqule abize esakubo kwaMagwaza, okunguyise ngoba uyabangwa. Uma ebuza isixazululo sesilwane inyanga ithi kufanele ize ekhaya izosikhipha bese ibethela, kuyobe sekufanele athathe imbuzi ahlabe abikele umkhulu nogogo ukuthi usethatha manje isibongo sikayise.

Akwehlanga kahle lokhu kuMbongiseni, wadlulela komunye umelaphi lapho afike watshelwa khona ngaso isilwane futhi ukuthi sikhona siqeda imfuyo. Okwedlulele kwathiwa akamboni yini umakhelwane wakhe ongezansi umona anawo. Okwesibongo wathi asinalutho silungile. Kuyena kwacaca ukuthi ngempela sikhona lesi silwane esibhuqabhuqa...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT