Izobanjwa ngesithele nayo kweye-ANC eKZN

Published date30 January 2022
AuthorKHETHA SANGWENI
Publication titleIsolezwe ngeSonto
I-ANC KwaZulu-Natal ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoba buzophelelwa yisikhathi lobu obukhethwe ngo-2018. UKhongolose KwaZulu-Natal ubhekene nezinselelo ngoba uhlamukwe ngabavoti ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba wonyaka odlule

I-ANC KwaZulu-Natal njengoba ilungiselela ingqungquthela, sekuvele kuqalile ukukhuluma ngezikhundla namagama abantu abangase bangenele umjaho. Uma kufika lesi sikhathi, abaholi abasezikhundleni basuke sebeqalile ukucabanga ngekusasa labo kwezepolitiki ngoba isikhathi sabo siyaphela.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlankanipho Ntombela, uthi usuku lwengqungquthela alukanqunywa kodwa kusaqedelwa izingqungquthela zezifunda kanti ziyisithupha ezingakahlali.

Ubuholi obukhona kumanje buholwa nguSihlalo uMnuz Sihle Zikalala onguNdunankulu KwaZulu-Natal, iPhini likaSihlalo nguMnuz Mike Mabuyakhulu, uNobhala nguMnuz Mdumiseni Ntuli, iPhini lakhe nguMnuz Sipho Hlomuka obuye abe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMgcinimafa nguNkk Nomusa Dube-Ncube ojutshelwe ukuba abe nguNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal.

Bonke abaholi abangenhla bakhethwa ngo-2018, engqungqutheleni eyayiseDurban University of Technology. Akwaziwa ukuthi emuva kwengqungquthela bayobe besenazo yini izikhundla ngendlela izinto ezithanda ukushuba ngayo.

Izikhundla ezivame ukubangwa kakhulu ngesikanobhala nesikasihlalo, njalo uma kuhlala ingqungquthela zisuke zibhekwe ngabomvu futhi zithathwa njengezinamandla kakhulu enhlanganweni.

I-ANC Women’s League KwaZulu-Natal, isivele iphumele obala yathi izimisele ngokuwola izikhundla eziningi uma sekuhlala ingqungquthela. Ithe inabo abesifazane ekholwa wukuthi bangayisa phambili inqola kaKhongolose esifundazweni.

Imbokodo kaKhongolose ithi ihlasela ngoNkk Dube-Ncube kwesikasihlalo, kwesephini likahlalo kube nguNksz Nomagugu Simelane onguNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, kube nguNkk Bongi Sithole Moloi onguNgqongqoshe wezoLimo esifundazweni abafisa abe yiphini likanobhala.

Ukuvela kwegama likaNkk Dube-Ncube, kuqala inkulumompikiswano yeqhaza labesifazane ezikhundleni zobuholi be-ANC nakuhulumeni. Isikhathi esiningi usihlalo wesifundazwe kwi-ANC usuke esemathubeni okuba ngundunankulu uma kwenzeka inhlangano inqoba ukhetho.

Okunye okuthuse abaningi ngukuvela kwegama likaMnuz Sandile Zungu, usomabhizinisi ongumnikazi weqembu lebhola, AmaZulu FC, nokuyinto ebingalindelekile kwabaningi. UZungu ungowokudabuka eMlaza kanti usebe semkhakheni wamabhizinisi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT