Izizathu ezifekelisa izinkampani zikahulumeni

Date03 December 2020
Published date03 December 2020
Publication titleIsolezwe
Laba ngohulumeni abanakekelayo abanenkolelo yokuthi banikezwe umthwalo ngabavoti, wokulungisa zonke izinkinga nezinselelo ezibhekene nemiphakathi yabo.

Labo hulumeni babamba iqhaza elibonakalayo emikhakheni yonke yempilo, kusuka kwezepolitiki, kwezomnotho, kwezentuthuko kuya kwinhlalakahle yemiphakathi yabo. Nakuba bekholelwa ekuthini ukusebenza kwamabhizinisi azimele kungukhiye wemikhankaso yokukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi, kodwa bayakuqonda ukuthi kungumthwalo wabo benguhulumeni ukuvala izikhala ezisalayo ekusebenzeni komnotho ozimele.

Yingakho besekhaleni lokunikezela ngezinsiza, amathuba nangengqalasizinda emiphakathini yabo, ikakhulukazi leyo edla imbuya ngothi.

Okuqaphelekayo ngohulumeni bamazwe afana neHong Kong, China, Malaysia, Singapore, Indonesia neTaiwan, ahlonishwa emhlabeni jikelele ngeminotho ekhula ngesivinini, wukuthi afolose ngezimboni zikahulumeni emikhankasweni yokuthuthukisa iminotho yawo. Nelakuleli lizihlanganisa nezimiso zamazwe athuthukayo futhi lichitha izimali ezinkulu emizamweni yalo yokuphucula ukusebenza kwezinkampani zoMbuso. Kodwa le mizamo isabukeka ifana nokuthela amanzi emhlane wedada. Zine izizathu ezikhinyabeza ukusebenza kwalezi zinkampani zoMbuso zakuleli.

Ukugxambukela kosopolitiki

Umsebenzi wosopolitiki ekuphathweni kwezinkampani zoMbuso wukumela uhulumeni nokuqinisekisa ukuthi zihlale zisebenza ngokulawulwa yimithetho yezwe futhi zenza ezikuthunywe nguhulumeni nomphakathi. Okwabo wukuzixhasa ngalo lonke usizo lukahulumeni, ukuze zifeze izinhloso zazo.

Ubuthaka bamabhodi

Labo ngongoti emikhakheni ehlukene abajutshelwa ukwelusa ukusebenza kwalezi zinhlaka zikahulumeni. Amalunga ebhodi alindeleke ukuthi akhe imigomo yokusebenza kwalezi zinkampani futhi aqinisekise ukuthi izinhlaka zikahulumeni zisebenza ngokulawulwa yimithetho kahulumeni, imigomo yazo nayizimiso zokuphatha. Lokhu kwenza lezi zinkampani ukuthi zihehe abaphathi abasezingeni eliphezulu, zisebenze ngempumelelo, sixhaswe yimiphakathi, zingaconsi phansi ezimakethe futhi zihlonishwe nayizikhungo ezibolekisa ngezimali.

Ngeshwa elikhulu osopolitiki namalungu ebhodi sebebe ngenkulu imbangela yokufadabala kwezinkampani eziningi zikahulumeni ngokufaka unyawo ekuphathweni kwazo kwansuku zonke. Amahlazo avela kwiKhomishini kaZondo akubeka ngokusobala ukuthi ukwehluleka kwazo kungenxa yokucekelwa phansi ngosopolitiki namalungu ebhodi okunezinhloso zokuzenza zehluleke, ukuze uhulumeni azophoqeke ukunikezela ngazo emabhizinisini abo azimele...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT