ISundowns izowaphendula amatafula kwi-Esperance: Tlale

Published date26 April 2024
AuthorSibusiso Mdlalose IMAMELODI Sundowns ingakwazi ukuzinqoba zontathu izindebe esasalelwe wukuzidlala kule sizini kodwa esimqoka kakhulu okufanele ilwele ukusinqoba ngeseCaf Champions League esesiyiphunyuke kaningi.
Publication titleIsolezwe
UTlale usho kanjena nje, iSundowns okubukeka sekungumlingo kuphela osungayivimba ukukhala yemuke nesicoco seDStv Premiership, isenethuba lezinye izicoco ezimbili okungeseNedbank Cup neseChampions League

Izodlala neStellenbosch FC kowandulela owamanqamu eNedbank Cup ngoMeyi 5, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.

Namuhla izodlala omunye umdlalo omqoka womlenze wesibili weChampions League ne-Esperance de Tunis yaseTunisia, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngo-8 ebusuku.

IDowns ibhekene nenselelo yokuphendula amatafula emdlalweni idlulele kowamanqamu kulandela ukuguqiswa yi-Esperance ngo 1-0 kowomlenze wokuqala ngeledlule ekuhambeni.

ISundowns isinayo indebe ye-African Football League eyidle nyakenye. Okusho ukuthi uma inganqoba lezi ezisele ingabe isithathe ezine kwisizini eyodwa.

“ISundowns inesikwati esibanzi esinabadlali abaseqophelweni eliphezulu ukwedlula wonke amaqembu ePremiership, ngakho angisiboni isidingo sokuthi kungani ingeke ikwazi ukunqoba izicoco ezintathu njengoba yenza ngesizini ka-2021/2022.

Kodwa indebe okuyiyona okubaluleke kakhulu njengamanje ukuthi ilwelele ukuyiwina, iChampions League. Seyizame kaningi ihluleka kusukela ngo-2016.

Ukwehlulwa kwayo emlenzeni wokuqala yi-Esperance eTunisia akusho ukuthi sekuphelile, cha. Kusazodlalwa eminye imizuzu engu-90. Ngikholwa wukuthi bawabonile amaphutha abo futhi ngeke bawaphinde kulo mdlalo abayowudlala womlenze wesibili,”...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT