Ingqayizivele yethuba lokulungisa umbutho wamaphoyisa kuleli

AuthorKHETHA SANGWENI
Published date27 March 2022
Publication titleIsolezwe ngeSonto
UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, usanda kumemezela ukuthi kuzoba nethimba elizoqokwa elizosingatha umsebenzi wokuqokwa komkhuzi wamaphoyisa omusha. URamaphosa uzothola ithuba lokuqoka umkhuzi wamaphoyisa okokuqala selokhu athatha izintambo zokuphatha izwe

UMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole, uyagcina emsebenzini njengoba kuphela uMashi, lokhu kusho ukuthi kufanele uqale umsebenzi wokuthungatha ozovala isikhala. USitole ujoyina abanye abake babamba lesi sikhundla kodwa bangaliqeda ihlandla futhi baphuma kabi, besolwa ngezinto ezehlukene. USitole ungene ehlazweni ngonyaka odlule, ngoJulayi, ngesikhathi sezibhelu lapho okuthiwa wayengabonakali emphakathini futhi namaphoyisa awasebenzanga kahle.

USitole ungene ezingxoxweni noRamaphosa, bavumelana ngokuthi akuhlukanwe ngokuthula. Uke wasolwa nangokungabambisani nabaphenyi be-Independent Police Investigative Directorate (IPID) odabeni oluthile abebelusebenza.

USitole wayeqokwe ngo-2017, ngesikhathi sikamengameli osephumile, uMnuz Jacob Zuma. Ithimba elizoqokwa lizobe lilindeleke ukuthi lihlole umuntu ofanelwe wumsebenzi bese leluleka umengameli ukuthi kufanele aqashe bani.

Izwe libhekene nenkinga enkulu yobugebengu nokusho ukuthi kukhona okufanele kwenziwe ngendlela ehlukile. Umuntu ozoqashwa uzobe ehlalelwe yinselelo yokusebenzela abantu abangaphezu kuka-50 million kuleli, yizifundazwe eziyisishiyagalolunye, aqinisekise ukusebenza ngendlela kwezinhlaka neminyango ehlukene embuthweni. Akuwona umsebenzi olula neze lo, kusobala ukuthi kufuneka umuntu onamava.

Uthini ungoti wezokuphepha?

Ungoti wezokuphepha ngaphansi kwe-Institute for Security Studies (ISS), uDkt Johan Burger uxoxe neSolezwe ngeSonto, wayichaza kabanzi le ndaba. UBurger uthi yisiqalo esihle ukuqokwa kwethimba elizosinga lo msebenzi ngoba kuzoba ngabantu abanolwazi abazokweluleka umengameli aqoke umuntu ofanele.

“Kuhamba kahle impela ngoba umengameli usebenzisa iqhinga elifana naleli elasebenza kuqokwa inhloko yezokuShushisa, u-Advocate Shamila Batohi. Kusho ukuthi umengameli uzothola izeluleko nakuba ingekho into emphoqayo ukuba enze enjalo. Yisikhathi esibalulekile lesi emlandweni wezwe lethu,’’ kusho uDkt Burger.

Ungoti uBurger ukhale ngokuthi sekunesikhathi lungekho uzinzo emaphoyiseni kuleli, wathi yisikhathi sokulungisa manje.

“Uma ubheka kusukela ngo-2009, sesibe nabakhuzi bamaphoyisa abayisikhombisa ngibala nabebebambile. Kuyaqala selokhu kwasungulwa umbutho ngo-1995, ukuthi kube nohlelo oluvulelekile oluzobonwa yizwe lonke...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT