Inameva nokunqoba indlela kaMotsepe kwiCaf Kuzokwenzekani ngobuholi beSundowns uma uMotsepe eya kwiCaf?

Published date29 November 2020
Date29 November 2020
Publication titleIsolezwe ngeSonto
KUNOBHUTSHUZWAYO wase-Afrika yinto eyaziwayo ukuthi amazwe asenhla naleli zwekazi awakuthakaseli, uma kungesikho ukuthi akubukela phansi ukuholwa ngabalingani bawo abadabuka eNingizimu nelengabadi, okuyisifunda seCaf esibukelwa phansi kunazo zonke ngaphansi kwale nhlangano.

Lokho kubonakala, hhayi kuphela ebuholini kodwa ngisho nasezinkundleni zemidlalo. Amazwe asenhla afela enkundleni uma ebhekene nawasemazansi elwela ngaphezu kokungehlulwa kodwa, okukhombisa ukuthi ngobani izingqongqo zase-Afrika.

Empeleni sekuze kwaba nokhondolo olwaziwayo ukuthi kuba lukhuni satshe ngisho nokusakaza imidlalo ethinta amazwe namaqembu asemazweni asemazansi uma edlala enhla. Nabaqeqeshi nabadlali bamazwe esifunda iCosafa (iCouncil of South African Football Association) bangakuxoxela indaba ngokucokovulwa abakuthola njalo uma beyodlala enyakatho noma entshonalanga ne-Afrika.

Konke lokhu kungenzeka ukuthi kuncike ekutheni amazwe asenhla nasentshonalanga ne-Afrika awanyongoza nje awasemazansi yingoba awancenge lutho kuwo nangenxa yokuqhubeka nokudlela kwawo (awasenhla) entendeni yesandla "sabacindezeli" bawo base-Europe abaholwa yiFrance.

Kuze kube yimanje wonke amazwe ayecindezelwe yiFrance kwala kancane kungathi isikwati sonke sabadlali bawo kube ngukuthi ngabazalwa noma bakhule kuleliya lizwe.

Nabaholi bawo la mazwe bayafana nje nabantu baseFrance, kangangoba kusakhalwa kakhulu ngomengameli waseCameroon, oselokhu abekwa ngo-1982, uPaul Biya, ngokuqhubeka nokuzihlalela kwakhe eFrance.

Ngisho yena u-Issa Hayatou wakhona eCameroon, ophathe iConfederation of African Football Association (Caf) kusuka ngo-1992 kuya ku-2017, yindoda eyaziwayo ukuthi isikhathi sayo esiningi ihlala eFrance.

Yiwo lo mlando ovuse imibuzo eminingi nokungabaza ukuthi injinga yaseNingizimu Afrika, uPatrice Motsepe, ingaphumelela yini ukuthola ivoti elizoyifaka emlandweni ukuba ngumengameli wokuqala weCaf odabuka eNingizimu Afrika.

UMotsepe, obalwa kubantu abacebe ukubedlula bonke e-Afrika emuva kokuqubuka ngezimayini, amagalelo akhe ebholeni aziwa ngokuthenga iMamelodi Sundowns FC ngo-2004.

Emuva kokuthathwa nguMotsepe iSundowns inyukele esicongweni sebhola laseNingizimu Afrika, iwola izindebe njengoba ihamba phambili nangezicoco zeligi kanjalo nase-Afrika inqoba i-2016 Caf Champions League neCaf Super Cup.

Lokhu kulandelwe wukuthi ibe yilo lodwa iqembu lase-Afrika eseningizimu ukudlala kwiFifa Club World Cup.

Namanje ibalwa ne-Orlando Pirates (yona eyinqobe ngo-1995 iChampions League) emaqenjini...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT