Imali iphelela ezandleni nxa ungabongi kofanele

Published date06 April 2021
Publication titleIsolezwe
Yisifo lesi sabantu esihaqe abaningi abasebenzayo, nasebathatha ngisho umhlalaphansi. Abanye bathathe umhlalaphansi ngoba bethembaizophuma yonke imali abebeyisebenza, emva kwalokho kuphele iminyaka, imali lutho ukuphuma. Abanye balimale ezingozini, bafake izicelo zezinxephezlo kodwa lutho ukuphuma leyo mali. Siyozama sihlaba, sizame sithandaza, sizame sisebenzisa imithi kodwa lutho. Umbuzo osalayo ngothi kanti kusuke konakele kuphi?

Ziningi izimbangela zalokhu engithanda ukuthi ngizichaze lapha. Okokuqala; kasizibuzi ukuthi ngubani lona ongiphe umsebenzi lona engiwenzayo? Uma esengiphile ubengiphelani okuyinhloso mhlawumbe yokuthi ngisize yena kulokhu okuyinkinga enkulu kuyena? Lokhu asikunaki ngoba siyaye sizitshele ukuthi umsebenzi siwuthole ngokuhlakanipha kwethu, abanye bagijime bathi nguNkulunkulu kodwa uma imali isibaleka akasabuyeli kuNkulunkulu ayobika ukuthi nansi imali ibaleka. Kukhona lapho uyaye umsebenzi ungawutholi bese uyahamba kokunye uye esontweni, kokunye uyocela emsamo kwabadala. Makhathaleni uwuthole umsebenzi. Uma usuwuthola awubheki ukuthi yikuphi lapho uye khona wenza maqedane kwavela okufanele, manje uhambe uyobonga khona?

Baningi abantu abathola imisebenzi ngomthandazo, singakubukeli lokho phansi. Umbuzo uthi uma usuwutholile uyaya yini esontweni lelo uyonikela ubonge, kumbe unikelele abakini abangasekho na? Uma imali ingasahlali, isibaleka, usugijima uya enyangeni noma esangomeni uyohlola, usunikezwa imithi ozokhohliswa ngayo kuthiwe izobamba imali, kube nhlanga zimuka nomoya.

Abanye banikezwa imizi kuqala, umuntu aganwe kuhambe kahle. Umuzi angawubiki ngendlela okuyiyona, uyomuzwa esethi; “Hhayi thina asikwenzi lokhu enkonzweni yethu.” Imali ibaleka ngoba laba bantu abakunikeze umuzi nalo mfazi onaye kumbe le ndoda onayo, bebekubonisa ukuthi bakhona ngakho manje sebebabele ukuthi bika umuzi ubafake ngendlela ukuze nabo bafudumale njengawe.

Isikhathi esiningi siyaye singaqondi ukuthi ukubika umuzi nokufaka abantu abadala kusho ukuthini. Ukubika kusuke kungukubikela abadala abakunike lowo muzi bekunika ngenhloso yokuthi nabo abanalo uphahla lokukhosela, ngakho baqale ngokukunika umsebenzi ozongenisa imali nebala yangena wase usuthola umuzi lowo osekufanele ubafake manje. Ngeke umuntu abe yinhlanhla kuwena ehamba ehlane enethwa yimvula...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT