Ihlazo lezobunhloli ngesikhathi sezibhelu

Published date15 August 2021
AuthorKHETHA SANGWENI
Publication titleIsolezwe ngeSonto
Umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa umemezele ushintsho kwiKhabhinethi ngesonto eledlule nalapho adalule khona ukuthi uMnyango wezobuNhloli uzothuthwa ufakwe ngaphansi kwehhovisi lakhe. Lo mnyango obaluleke kakhulu ubuphethwe wuNksz Ayanda Dlodlo njengoNgqongqoshe kanti iPhini lakhe kunguMnuz Zizi Kodwa. URamaphosa uthe manje lo mnyango uzoba ngaphansi kwehhovisi lakhe bese uMnuz Kodwa aqhubeke kuwona. Uthe lokhu kwenzelwa ukuthi kube ngcono ukusebenza kophiko lwezobunhloli.

URamaphosa uthe abantu akufanele bamangale ngoba lokhu kuyenzeka emazweni amaningi. Okunye okuqinise izinsolo zokuthi izinhloli zingene ehlazweni wukuthi uRamaphosa umemezele ukuthi kunekomiti elizocubungula ukuthi yikuphi okungase kwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi uma kuba nesimo esifanayo abezokuphepha bakwazi ukuphendula ngokushesha. Okunye okwethuse abantu wukuvela kwezinsolo ezithi kusolwa ababeyizinhloli ukuthi bayingxenye yokuhlelwa kwezibhelu ezweni.

UNksz Dlodlo ngesikhathi ebuzwa ngezibhelu benoNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele babonakale bephikisana esidlangaleni, uNksz Dlodlo ethi bawanika amaphoyisa ulwazi ngapha uCele ethi cha abakaze banikwe lutho. Lokhu kwashiya izakhamuzi zizibuza ukuthi ziphephe kangakanani uma abezokuphepha bekhombana kanje.

URamaphosa akashintshanga kwezobunhloli kuphela kodwa ushintshe nakwezombutho wezokuvikela wafaka uNkk Thandi Modise kwesikaNgqongqoshe wase ekhipha uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula obephethe lo mnyango. Kwake kwaba khona ukushayisana phakathi kukaRamaphosa noNkk Nqakula uma ethi umengameli bekuwumzamo wokuketula uMbuso obekwenzeka ezweni kodwa uNkk Nqakula ethi abukho ubufakazi bokuthi bekuketulwa uMbuso.

Isizindalwazi somnyango osuthuthiwe siveza ukuthi umsebenzi wawo osemqoka wukuhlinzeka ngolwazi oluqoqwe yizingede ukuze isizwe sihlale siphephile bese kusiza nohulumeni ekuthatheni izinqumo. Iphinde idalule ukuthi kufanele babe yiso bakwazi ukuthola ulwazi ngabahlela ubushokobezi, udlame nokuphazamisa uzinzo ezweni.

Ukwehluleka komnyango wezobunhloli ukuvimba izibhelu zingakenzeki kushiya umbuzo wokuthi uma behlulwa yinto engaphakathi ezweni kuyoba njani uma izwe lingase lihlaselwe abathile abangaphandle kwamanye amazwe?

OwayenguNgqongqoshe wezobunhloli uMnuz Ronnie Kasrils uke waxoxa ne-IOL yakwabo kweSolezwe ngeSonto eshiya angalazi ngezobunhloli, ethi kuyakhomba ukuthi kukhona inkinga ekhona ekusebenzeni. UKasrils ukhale kakhulu ngokungena kwalolu phiko kwezepolitiki luthi shi lugcine lungawenzi kahle umsebenzi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT