I-UWC ifuna ukuphendula iDowns isitebhisi seSuper League

AuthorMalibongwe Mdletshe
Published date14 May 2023
Publication titleIsolezwe ngeSonto
La maqembu ahlangana emdlalweni wezingqungqulu ose-University of Pretoria Stadium, eTshwane namuhla ngo-3 ntambama

“Impela ngumdlalo obhekwe ngabomvu yizinkumbi zabathandi bomdlalo kanobhutshuzwayo. Kuyajabulisa lokho ngoba kuzoklama indima emqoka ekuthuthukiseni nasekukhangiseni ibhola labesifazane,” kusho uGamede.

“Umqeqeshi uhlezi esishumayeza ngokuthi uma sizimisele ukunqoba iligi, kumele sehlule labo esiyibanga nabo. Kulo mdlalo kufanele sizibambele thina iSundowns ngoba asiqhelelene kangako ngamaphuzu. Kufanele sibanike umdlalo osezingeni eliphezulu nonzima. Sizimisele ukushiya isiwombe sokuqala sisemeni esihle.”

Lo mdlalo, ozovezwa bukhoma kwi-SABC1, ungase ucacise ngombango wesicoco seligi ngenxa yokuthi kubhekene amaqembu ajahana endaweni yesibili neyokuqala kwi-log.

– Ajahana nje, yi-UWC eseqhulwini ngamaphuzu angu-33, nokungamaphuzu amabili ngenhla kweSundowns esendaweni yesibili ngo-31.

– Akugcini lapho, i-UWC selokhu imise umhlwenga kusukela nyakenye, iba yiqembu lokuqala emuva kwamasizini amathathu ukuthela induku kwiSundowns.

...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT