Amandla okuphatha izwe asebantwini

Published date26 April 2024
Publication titleIsolezwe
Lokhu kwakwenzeka emva kweminyaka eminingi kakhulu yokuphathwa kwabantu ngesandla sensimbi becwaswa ngokwebala

Yize-ke sekuhanjwe ibanga elide kwatholakala inkululeko kepha ziningi izingqinamba ezenza kube sengathi kukhululeke abakhethekile kuphela.

Kubhoke inhlupheko nosizi okubangwa yinkohlakalo kubaholi. Esikhundleni sokuthi abaphethe baqhamuke namasu aphusile okutakula umnotho bafaka izwe ezikweletini.

Ihlazo wukuthi abantu abaningi namanje basabandlululwa, abanamisebenzi, baswele amanzi nezinye izidingongqangi zempilo ziyacikiza. Baphila impilo engenasithunzi ezweni elikhululekile. Nobugebengu bubhokile.

Abaholi bayehluleka wukufeza izethembiso abazenza kwabampofu. Ukungasebenzi kwentsha kuyinhlekelele. Igebe phakathi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT