Abantu bazithola bentanta ngenxa yokuphambanisa izinto ezinhlanu ngabo

Published date29 November 2022
Publication titleIsolezwe
Baningi asebeshaywe yilokhu kudidiseka. Abazama ukwelapha nabazama ukuzelapha baxakwe yileli liwa elijulile, elenza uzizwe sewuthi konke kungawe. “Ungawe” ebe engachazeki ukuthi ungubani. Sibaningi esiphuma mihla namalanga sithi siya kubelaphi siyobheka izinto zethu, sifike sitshelwe esitshelwa khona, senziswe senze

Siyokuthi sesenzile singakutholi ukwaneliseka. Lifike ithongo noma idlozi kuwena likhulume likukhombise konke, ugijime uye lapho uzitshela ukuthi uzothola khona usizo.

Uyothi usasizwa kube khona izinkulumo ezizonkeneneza ezindlebeni zakho, uyogcina usuthi abantu bathi, ugcine wenzile. Uyophuma ungena ngoba iqiniso lingekho kuwena, ungazi ukuthi ufunani, ungazi ukuthi wubani okulawulayo nokwesaba ukuthi abantu bazothini. Ekugcineni uyothola sebekuhleba njengenhlalayenza emphakathini wakithi osewaphenduka ithombonkala lezinhlebi.

Ingoma neculo osekuvamise ukuzwakala namhlanje ngukuzwa umuntu ethi ngenza okuthize ngokwasebandleni kumbe ngenzelwa

ngumuntu wasenkonzweni. Uthole umuntu ethi wafaka abantu abadala ekhaya ebika umuzi ngokwenzelwa ngowasebandleni. “Mina angikwenzi ukuthi nokuthi ngoba enkonzweni yethu asikwenzi”.

Kuningi singakubala kodwa okusalayo ekugcineni kufanele sizibuze ukuthi ngabe siyizinkonzo noma amabandla na? Njengalokhu sihlale sithi abantu bathi, ugobela wami uthe, ngakube siyilokho noma siyithina na? Ngineqiniso eliphelele lokuthi wonke umuntu uluhlanga luthize olunezinqubo zalo okugcina kuthatheka njengesiko nesintu salowo muntu, nendlela akhuliswe ngayo ekhaya njengalokhu umthetho kaNkulunkulu usho uthi: “Hlonipha uyihlo nonyoko”. Ngikholwa wukuthi isikhathi esiningi asikubheki lokhu, okuyikhona kusenza sigcine singasazi ukuthi kufanele siyephi. Umuntu uqhakambisa ukuthi yena uyakhuleka, omunye uyahlaba, omunye angenzi lutho kodwa ezisho yena, engabhekisisanga ukwengameleka kwakhe, ukuthi uphila ngobani. Ngiyazi sonke sibhekisa kuNkulunkulu isikhathi esiningi kodwa ngikholwa wukuthi kukhona laba asinikela kubona ukuba sibhekise kubona isikhathi sonke esingabanaki - uyihlo nonyoko.

Izizwe nezinhlanga eziningi zigqamisa ubuzwe bazo kuqala ngaphambi kokugqamisa lapho zithi zikhonza khona kumbe amabandla azo. Ukuba neqiniso kubona kwenye inkathi kufana nesibophezelo sempilo abazibophezela kusona sikhathi sonke sempilo yabo. Yingakho-ke thina namhlanje siphuma singena, sigcina singalutholi...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT