NewsBank (Isolezwe)
-
ARIES: Mar 21 – Apr 21.
ARIES: Mar 21 – Apr 21.
-
Aqhinqe emnyangweni wezempilo amanesi angaqashiwe
Ngokuthola kweSolezwe, amanesi alinganiselwa ku-150, asuka ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal ankanise kule ndawo.
-
Iminwe ikhonjwe kosewashona kwelokubulawa kukaBobo
SEKULINDWE isinqumo semantshi ecaleni eselidonse iminyaka emine lokubulawa ngesihluku kowayengumfundi ka-matric u-Andile “Bobo” Mbuthu (16).
-
Bazolufaka enkantolo olwenkinga yamanzi eThekwini
Lokhu kuvezwe umholi waleli qembu, uMnuz Zwakele Mncwango izolo kwabezindaba emva kokuhambela iziphehlimanzi ngoLwesibili nangoLwesithathu behlola isimo samanzi.
-
I-MK ikhala ngobunzima bokuthola inkundla yomcimbi wezethembiso
I-MK izimisele ukugadla kuzwakale okhethweni lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 lapho kulindeleke ukuthi zidlane kulo imilala.
-
Balindwe umthwalo wobugebengu abazonqoba ukhetho
ZONKE izakhamuzi ezikhathelele ukuthotshelwa komthetho nabagilwe yizelelesi kufanele bakhathazeke ngokuxega kwengalo yomthetho.
-
Basophe ukugcina isithunzi sothisha ngenhlangano
Okuseqhulwini kule nhlangano ukunakekela othisha asebathatha umhlalaphansi iphinde inakekele abafundi ngokubasiza ngemisebenzi yasekhaya ntambama iphinde ibathengele imifaniswano yesikole kulaba abangathathi entweni.
-
I-DA izoqopha umlando ngomcimbi eKZN
I-DA izokuba nomcimbi omkhulu kunayo yonke leli qembu eselike laba nayo eThekwini, kusasa.
-
Beliyiqhawe iduna eliguqile laseMdletsheni
MHLELI: Isililo sikhulu kwaZulu, sikhala sonke ngokuguqa kwelinye lamaduna emasontweni amabili edlule. Inkosi uBonga Mdletshe kaMkhayiphi, kaNtaminemidwa, kaMsushwana kaMfusi, bekungesinye sezihlangu zeSilo ebezigqamileyo embusweni kaZulu.
-
Iningi libishe ezikweletini eMzansi
Lolu cwaningo olwenziwe yiDebt Busters luveza ukuthi imali eningi yabantu ikhokhela amabhondi ezindlu, izimoto, imali ebolekwayo nokunye.
-
UNombulelo (31) wasoPhongolo, uqokwe emunxeni weBest Star Ac
INTOKAZI ezakhele ugazi ngokulingisa indawo yomhlengikazi onguSne Mtshali kwiDurban Gen, uNombulelo Mhlongo, uqhathwe nezihlabani zamazwe ngamazwe kumaShining Star Awards.
-
Qaphela lokhu uma uthenge imoto ngesikweletu
Ongoti bathi izindleko azigcini kuphela ngemali oyikhokha ngenyanga kepha kukhona nezinye.
-
SEKUVULIWE ukungenela imiklomelo, amaDStv Content Creator Aw
SEKUVULIWE ukungenela imiklomelo, amaDStv Content Creator Awards, abuya nezinguquko ezimbalwa.
-
OweMaritzburg usasethembeni ngemidlalo yokuhlunga
UNOZINTI weMaritzburg United, uDumisani Msibi uvuma eyokuthi ezakhe zisemseni wokulahla amaphuzu kwezimbangi zazo emidlalweni emibili esele yokusonga isizini yeMotsepe Foundation Championship.
-
UMokwena ubhodla ngesizathu sokonga isithenjwa seSundowns
INHLOKO yabaqeqeshi kompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ikhiphe iqiniso ngesizathu sokungabonakali kwesithenjwa, uTebogo Mokoena.
-
ISpurs iphunga afuna abadlali bayo
IMENENJA yeCape Town Spurs, uShoes Mekuto ayikuthathi kabi ukuthi kunamaqembu ashela abadlali babo njengoba kucaca ukuthi bazogawulwa yizembe kwiDStv Premiership.
-
OweRoyal AM akanavalo lokugawulwa yizembe
NAKUBA ukuphikwa yimiphumela kwiDStv Premiership sekubeke iRoyal AM engozini yokuzithola isidlala imidlalo yokuhlunga ukuze izigcine esigabeni esiphezulu, asephansi amaphaphu kumqeqeshi wayo uJohn Maduka. IThwihli Thwahla inqotshwe yiqembu elisemsileni we-log, iCape Town Spurs ngo 1-0 koweligi obuseHarry Gwala Stadium ngoLwesibili ebusuku.
-
IPirates phambili kuMabasa osehola owesicathulo segolide
UMabasa ubuyele eqhulwini emjahweni wesicathulo segolide ngokushaya amagoli amabili ngesikhathi iBucs inqoba ngo 2-0 kwiChippa United ngoLwesithathu ebusuku kwiDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.
-
Itwetwe kubulawa osebenza kuMasipala weTheku
BASEBENZA bejeqeza abasabenzi kuMasipala weTheku abasemadepho aseSpringfield, kwanda izigameko zokubulawa kozakwabo abadutshulwa besemsebenzini.
-
Kuxwayiswe othishanhloko ngokunika osihlalo bamaSGB amandla
ISIKHULU soMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke esibhekele izikole, uMnuz James Ndlebe, siyalele othishanhloko ukuthi banganiki osihlalo bezigungu ezilawula izikole amandla edlulele njengoba kuyibona abangabaphathi bezikole. UNdlebe uthe osihlalo bangamalungu ezigungu, kababona abanikazi bazo - ngakho abanganikwa amandla ngoba bagcina sebeba ngondlovukayiphikiswa.
-
Le mali ebhubhudlwayo ngizotakula ngayo abahlwempu: Pappas
UPappas uthe bazosebenzisa imali esashazwa kuthengelwa izikhulu izimoto zikanokusho ukuqhamuka nezinhlelo zokutakula abahlwempu.
-
Umufi ufihlwe njengeqhawe emathuneni aseWest Park khona eGol
CISHE zonke izikhulumi ebezisenkonzweni yomngcwabo kaDingaan “The Rose of Soweto" Thobela, izolo eDlamini Multipurpose Centre, eSoweto, ziphakamise ukuthi kwenziwe isiqiniseko sokuthi lingashabalali igama lakhe nakwenzele iNingizumu Afrika.
-
Ucikwe ukuhlehliswa kwecala lowabulala abomndeni eneminyaka ewu-12
AKENEME ngokubambezeleka kwecala umyeni wowesifazane owabulawa nengane yakhe, izidumbu zabo zafakwa epotimendeni, zayolahlwa ehlathini KwaDabeka, eThekwini.
-
Nizozisola uma niphinde nivotela i-ANC: Hlabisa
UHlabisa uthe kuzokwanda ukubhubhudlwa kwemali nokungahanjiswa kwezidingo uma i-ANC ingase ibuyele emandleni. Ukusho lokhu ngesikhathi enomhlangano womphakathi, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku.
-
I-BMW 7 Series iqokwe njenge-2024 SA Car of the Year
Lo mncintiswano uhlelwa yinhlangano iSouth African Guild of Mobility Journalists (Sagmj) futhi amajaji awo yizintatheli zezimoto zamaziko ezindaba ehlukene ezingamalungu ayo (okukhona kuwo nombhali walolu daba).
-
Vikelani ifagugu nenkululeko eyatholakala kanzima
MHLELI: Umsebenzi omuhle owenziwe yiqembu elibusayo emphakathini wakithi uyazikhulumela. Ukhuluma noma lona lingakasho lutho.
-
Bavulelwe amacala omasipala abangayinaki eyamanzi
UMNYANGO wezaManzi neNhlanzeko usuvulele omasipala abawu-26 amacala awu-26 ngokungawakhucululi kahle amanzi indle.
-
Kuzovalwa imigwaqo nge-Africa’s Travel Indaba
KUZOVALWA imigwaqo eseduze kweNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) njengoba kuza umbukiso omkhulukazi wezokuvakasha, i-Africa’s Travel Indaba.
-
Selidlulela enkantolo enkulu icala lowanukubezwa waphonswa ebhulohweni
SELIDLULELA eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala lokusocongwa kowesifazane owaqale wadlwengulwa ngaphambi kokulahlwa kwesidumbu sakhe ebhulohweni ngoDesemba 23, nyakenye.
-
ARIES: Mar 21 – Apr 19
ARIES: Mar 21 – Apr 19