Umthandazo nokuphahla kusebenzela onenhlanzeko ngaphakathi

Published date12 July 2022
Publication titleIsolezwe
Ngikholwa wukuthi uMvelinqangi usiphe izindlela ezimbili zokuphila nokuzisiza kukhona konke okusivelelayo, waze wasibekela imithetho elishumi nayo egqame ngokwehlukana kwamandla ayo. UMvelinqangi usiphe ukuba simkhonze, sikhuleke kuye, esikwenza ngomthandazo. Wabuye wasipha amakhambi akhe ukuba sizelaphe ngawo okungumuthi. Iningi lethu namhlanje lisebenzisa lokhu kokubili, noma okukodwa kwakho ukuzama ukulungisa izinto zakho nezinkinga ezisuke sithi zisihaqile. Kokubili kuhle futhi uMvelinqangi akakaze athi okukodwa kwakho akufanelekile, njengalokhu enabantu bakhe abapha amandla okusiza kuzona zozimbili lezi zinkundla

Okukhulu-ke namhlanje wukuthi zombili lezi zindlela ziyizikhali okufanele zisize kodwa sengathi seziphenduke umkhonto onzima, osekuyiwona osugwaza ekhaya futhi ususiqedile.

Isikhathi esiningi siqhakambisa ukuthandaza size siqhoshe ngakho, siye ezinkonzweni esenze izindawo zemingcwabo nezinkonzo emasontweni njengezinkundla...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT