Umlando Ingono Yomsamo kwiSABC 1 nasezikoleni ezinabahayizayo

Published date14 June 2022
Publication titleIsolezwe
Uzwe umuntu ethi sengethembele kuNkulunkuku kodwa sibe sabelwa okuyikhona kuyohlale kuyingcebo yempilo. Singakubeka sithi sizilahle thina, sathatha okusesibayeni sethu sakujikijela ngaphandle, sangenisa imfuyo yezinye izizwe. Lokhu kubuye kwanezelwa yimfundo esinikwe yona namhlanje, osekonakele kakhuku sekulinyazwa izinto ezifana nemisakazo namathelevishini

Okuningi namhlanje sesikholwa kakhulu ngesikuzwa emisakazweni ehlukene, sikubuke nakwithelevishini nabakushoyo singabheki lolo lwazi ukuthi luhluzeke kangakanani.

Insini yanamhlanje wukuzibiza ngosolwazi neziqu zobudokotela ezibalwa ngantathu kodwa ulwazi lwesintu nesiko lethu kudungeka imihla namalanga singalufuneli sangcobe.

Cishe namhlanje asisekho isiteshi somsakazo esingenalo uhlelo oluzama ukusakaza izinto zesintu. Kudlulele kube kubi kakhulu uma sekukhulunywa ngamasiko nesintu, kushiwo izinto eziningi ezingahlangani. Sekulula manje ukuzwa umuntu ephambanisa isiko nomkhuba, okuyisikhathi lapho singasazi umehluko kulezi zinto zozimbili.

Imikhuba eminingi eziqhamukele nabelaphi isifana nesifo esihlukumeza...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT