Ukungenelela kukahulumeni kungasiza ekuphuculeni ukwelapha kwesintu

Published date28 June 2022
Publication titleIsolezwe
Inhloso yabo bebedlula belibangise eChina lapho bethunywe khona yinhlangano yabelaphi yasezweni labo, beyofunda kabanzi ngempande yabo nezindlela zabo zokwelapha

Leli lizwe lisenenhlanhla ngoba abelaphi bakhona bonke bangaphansi kwenhlangano esungulwe nephethwe nguhulumeni ekuthuthukiseni ezokwelapha. Le nhlangano yenzelwe nokunqanda ubugebengu ekwelapheni nasekuphatheni impande. Okuningi esikuxoxile kungishiye ngikhexile, ngazibuza ukuthi konke kokhu kungani kungenzeki kithina belaphi bendabuko bakuleli?

Njengalokhu bebedlula bethunyelwe nguyena uhulumeni ukuyofunda kabanzi ngokwelapha eChina, izindlela namakhami abo kube kuyinto engaqali, kodwa abahlale beyenza njalo nakwamanye amazwe, ukuze bakwazi nabo ukwelapha izifo ezifana ncamashi nalezo eziphatha abantu emhlabeni jikelele.

Ngokusho kwabo, kubantu abangu-100, abangu-90 namhlanje basebenzisa amakhambi. Abanye bahambe befuna ukuyokuzwa izinto zabo kodwa bebefihla.

Kubantu abangu-100, abangu-75 bahamba izinyanga beyobheka izinto zabo kodwa kulowo 75, isigamu sabo siyafihla, asithandi kwaziwe ukuthi bahamba abantu bokwelapha kwesintu.

Isimo sabantu bakuleliya lizwe bangabantu abasakhonze izinto zesintu kakhulu namagugu...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT