Okufanele uzibuze kona uma kuthiwa yidla igobongo uthwase

Published date29 June 2021
Date29 June 2021
Publication titleIsolezwe
Uma ubuza ukuthi uzosamukelaphi, impendulo ibe lula, kuthiwe woza kimina ngizokusiza. Kokunye usuhambile wathwasa ngoba ujahe lokhu okujahile, usuya kozwa kwenye indawo. Kufike kuthiwe kawenzelwangwa kahle, woza kimina ngizokwenzela. Yingakho usudidekile, ungasazi ukuthi kufaneke ulalele bani nokuthi wenzenjani. Bese kuba lula ukunquma ukuthi ugcine ungasenzi lutho.

Abanye kugcine kuthiwe kubona, kuguqule ukwenze okokuthandaza ngoba kucatshangwa ukuthi ukuthandaza kungcono kanti usuzibulala wena ekugcineni. Baningi abacula iculo elithi ngakuguqula ngakwenza umthandazo, uthi usebenza ngakho ukuthandaza kodwa izinkinga zithe bhe.

Kukhona konke lokhu, kufanele ube nesikhali sokuzivikela emilonyeni yezingwenya ezilambile. Inkinga uma ungugobela ungenawo amathwasa ubukeka sengathithi kawuthwasanga. Ngakho ugobela noma ithwasa eseliphothulile ukuze libonakale ukuthi lathwasa laphothula, kufanele libe namathwasa. Ukuthi uwathola kanjani akudokwe likabani lelo. Kuya ngokuthi ukhulume kobani obathobekile bazithola...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT