Date05 January 2021
Published date05 January 2021
Publication titleIsolezwe
Namhlanje okubuhlungu sesiphila esikhathini lapho singasabheki ukuthi sishiyani emhlabeni ukuze isizukulwane siphile siqhubeke. Iyona-ke le nto ehlale ingihlupha njengalokhu siphila kunokuthi sikhombe imizi ethize sithi laphaya kwakuyinxiwa lakwabani elazala ukuthi nokuthi, kumbe ibhizinisi leliya lekhehla elabe lingukhokho wabo, manje osekusele esizukulwaneni akukho. Kunalokho sikhomba amanxiwa asalala imbuya. Imizi ivalwa ubuthaphuthaphu, uzwe umuntu uma uthi kufanele akaye komalume ayokwenza ukothile, aphendule athi sebafa bonke akukho noyedwa nomuzi, sekukhonjwa izidindi.

Kungani emandulo kwakusala amagama abantu abathizeni kodwa namhlanje umuntu umeke wadlula emhlabeni konke sekuhambile? Ngisho noma kade engathwele. Umbuzo lona okusafanele uke usihluphe kakhulu singabomndeni kumbe singabangani sihlangene, ukuze lokhu sikubuyise ngesizukulwane sanamhlanje kumbe sakusasa.

Singabelaphi siyalapha, siphiwe iziphiwo ezehlukene kodwa umbuzo ongihluphayo uthi, ngakube isigodlo nesigodlo kukhona yini okuthi uma kuqala unyaka ke sikubheke okuzokuba ngumehluko ekwelapheni kumbe ekusebenzeni kwaso noma ekuthuthukiseni ukusizakala kwabantu, ngaphandle kokuthi kube imali? Angiqonde kukhuluma ngokwakha imali nokuziqhakambisa koFacebook, kodwa...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT