Kufanele ahlonishwe amaphupho esiwaphupha ngabantu abangasekho

Published date31 May 2022
Publication titleIsolezwe
Ngiyaye ngithi-ke ungcono kakhulu umuntu uma esaphila kunokuba esehambile emhlabeni ngoba uma esengale, inkinga ulimi aselusebenzisayo uma ekhuluma selujulile

Usuke esefuna ukulungiselwa amaphutha akhe ashiye ewenzile emhlabeni, yena angazange awanake. Okokugcina, yilapho eseyinkinga khona kakhulu ngoba uvele eze ngolaka, kuyothi kutholakala incazelo kube sekonakele. Lokhu kunganaki yikhona okusilimaza kakhulu ngoba ukhumbula eselithongo, esefuna ukucatshelwa indlela yokuba agcine engenile kwabakubo.

Umuntu oseshonile ubuya ngezindlela eziningi nezahlukene, echaza isimo asishiye ngemuva kokunye isimo akusona yena. Iphupho elivamise kakhulu nelihlupha imindeni eminingi yilapho umuntu oshonile efika ekhala ngokuthi uyagodola, kokunye avele afulathele angabheki kuwena kumbe ekhaya noma umphuphe enqunu. Lokhu kusho izinto ezithi azifane kanti zehlukile.

Ngokwesintu umuntu wayethi uma ehamba ekhaya aphelezelwe...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT