Iyobanjwa esithele nayo okhethweni lwanonyaka

Published date16 May 2024
Publication titleIsolezwe
Kulo mkhankaso oshisa phansi, iKwaZulu-Natal ibukeka inogazi emaqenjini amaningi ezepolitiki. Abaholi abaphezulu baphuma bengena emizini yabantu, benza nemibuthano. Muva nje i-ANC ithumele wonke amalungu esigungu esiphezulu kanye namadlelandawonye ayo okuyiCosatu neSACP ukuthi azoqhuba umkhankaso wokhetho esifundazweni iKwaZulu-Natal okubalwa kubona abaholi nomengameli wayo uMnuz Cyril Ramaphosa nowayengumengameli wayo le nhlangano uMnuz Thabo Mbeki

Lokhu kuwubufakazi bokuthi lesi sifundazwe siconselwa amathe ngamaqembu amaningi. Ngempelasonto esiphuma kuyo umholi weDemocratic Alliance uMnuz John Steenhuisen ubesesifundeni iTheku eqhuba umkhankaso wokhetho. Umbuzo umkhulu ukuthi sibaluleke ngani lesi sifunda nokwenza ukuthi kuphithizele abakhankasayo.

IKwaZulu-Natal iyisifundazwe sesibili ngokuba nabantu abaningi ngemuva kweGauteng.

Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, abantu abahlala kulesi sifundazwe bangu-12.4 million kanti abahlala eGauteng bangu-15 million. Izibalo zenhlangano eyengamele ukhetho kuleli i-IEC zithi bangu-27.6 million abantu ababhalisele ukuvota, iKwaZulu-Natal inabantu abangu-5.7 million kanti iGauteng inabantu abawu-6.5 million ababhalisele ukuvota. Ukuze iqembu liwine ukhetho kuzwelonke kumele lithole awu-13.9 million okwenza amaphesenti awu-51.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal sengeza amaphesenti awu-20.8 ezibalweni zokhetho kuzwelonke. Okuqaphelekayo ukuthi isifunda iTheku sinabantu abangaphezulu kancane kuka-3 million kanti abantu ababhalisele ukuvota khona balinganiselwa ku-1.9 million. Uma ukuvotelwa kweqembu thizeni kukhuphuke kakhulu eThekwini liba semathubeni angcono okudla umhlanganiso.

Lezi zibalo zichaza ukuthi uma iqembu liwina iKwaZulu-Natal neGauteng lisuke lisemathubeni amaningi okuwina ukhetho kuzwelonke, kanjalo futhi uma lingenzi kahle kulezi zifundazwe zombili kungaba mnyama ebusweni benkawu. Yilesi sizathu esenza ngibone ukuthi enye yezinto eziconsisa amathe kulesi sifundazwe yisibalo sabantu ababhalisele ukuvota.

Ngaphezulu kokuba nogazi kweKZN emaqenjini ezepolitiki uguquko olukhona oludalwe ukusungulwa kweqembu uMkhonto weSizwe eligadla ngowayengumengameli we-ANC uMnuz Jacob Zuma. Ukuba khona kwaleli qembu elinezimpande KwaZulu-Natal kufaka itwetwe elikhulu emaqenjini afana ne-ANC njengoba kubukeka kungabantu abeseka lona laba asebahamba noZuma.

Ku-5 million wabavoti ababhalisile nalo leli qembu lingase lihlomule ngesibalo esithize lokho okungaphazamisa amaqembu afana ne-ANC, IFP ne-EFF. Ngamanye amazwi akukona...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT