Akuvuselelwe umnotho wasemalokishini

Date26 November 2020
Published date26 November 2020
Publication titleIsolezwe
Leli yithuba eliyingqayizivele lokuthi uhulumeni azinikele kakhudlwana ekuthuthukiseni abanikazi bamabhizinisi amancane ukuze bakhule babe ngosozimboni abakhulu. Yingakho manje kufanele uhulumeni aqale umkhankaso wokugqugquzela osomabhizinisi abancane nabakhulu, ukuthi batshale emnothweni wezwe imali nemiqondo esezinqolobaneni zabo. Inkinga enkulu ebhekene naleli wukunqaba kotshalomali emabhizinisini akuleli. Ukusebenza ngokubambisana phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi kungakha isithombe esihle esingaheha abatshalibemali bangaphandle. Kunemibiko edumazayo ethi iningi lamabhizinisi amakhulu akuleli lihlezi phezu kwemali elinganiselwa ku-6 trillion engenza omkhulu umehluko ekukhuliseni umnotho nasekwakheni amathuba emisebenzi.

Ucwaningo

Okudabukisayo wukuthi nohulumeni imbala uhlezi phezu kwamaningi amathuba okuthuthukisa amabhizinisi amancane, okukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi. Eminyakeni edlule ngenza ucwaningo eKZN...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT