Ake ujule uzihlole ngomphefumulo nomoya okusemzimbeni wakho

Published date13 June 2023
Publication titleIsolezwe
Lokhu kungumbuzo onzima ngoba kukhona konke ukuhlupheka kwami ngikhomba mina okungumzimba, umzimba onegama nesibongo, nabazali nomlando. Kuthi noma ngiphuma ngiya enkonzweni ngiyokhonza ngiqhube lo mzimba, kanjalo ngiphume ngiye kugobela ngiyobheka izinto zami ngitshelwa engitshelwa khona ngoba kuhlupheke umzimba engiwuqhubayo, noma sekwelashwa kwelashwe wona umzimba

Unamanxeba lo mzimba, izilonda, izishawo nokulimala. Empeleni, konke okwenzekayo kwenzeka kuwona. Ngikhale ngemali, ngibalise ngenhlupheko, ngithi izingane zami azenzeleki lutho, konke kumnyama kukhona konke ukukhala kwami. Kungukukhala okwenzeka emzimbeni oqanjwe igama nesibongo kodwa okujike kungangifikeli ndawo.

Umzimba ugadwe wenganyelwa amasiko nesintu sawo okufanele afezekile, kanjalo nokufanele ukuba imikhuba yethu eyisintu nesiko kwenzekile, sikwenze kodwa ekugcineni kube nhlanga zimuka nomoya. Kukhona lapho laba abazibiza ngokuba nenhlanhla (abaphumelele), nawe uma usuphumelele, ukhohlwe ukuthi ubani lona ophumelele.

Ngabe umzimba okunguwena kodwa ongaqondi ukuthi ufumbetheni, kanti ekugcineni uyohamba kuwona umhlaba...

To continue reading

Request your trial

VLEX uses login cookies to provide you with a better browsing experience. If you click on 'Accept' or continue browsing this site we consider that you accept our cookie policy. ACCEPT